Unompempe ufake isandla iSundowns ihubuluza AmaZulu
Kuhlale obala ukuthi kuyiqiniso ukuthi inhlanhla ilandela labo abangayidingi kangako ngesikhathi umsizi kanompempe elekelela iMamelodi Sundowns ukuthi iqoqe amaphuzu amathathu.
Lokhu kwenzeke eKing Zwelithini Stadium la iSundowns ihlule khona AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership obungaphela zibambene.
ISundowns ihambe phambili ngomzuzu ka-20 kulo mdlalo kulandela ukubekelwa iphenathi ebaselwe phakathi uLucas Ribeiro.
Kucacile ke ngemuva kwalokhu ukuthi umdlalo la amacebo edlana khona imilala, okubonakale ngokuxabana kwabaqeqeshi.
Kuyiwe ekhefini iSundowns isahamba phambili, kodwa esiwombeni sesibili AmaZulu abuye esengcono kakhulu.
AmaZulu alitholile igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-63, uPule Ekstein ebhakuzisa inethi ngemuva kokuthola ibhola ebeligotshwe kwesokudla.
Kodwa umsizi kanompempe wavele waphakamisa iduku, wathi ulishaye esesendaweni engamfanele.
Nokho ngokwemifanekiso yethelevishini, ugeje wadela lo msizi kanompempe ngalesi sinqumo sakhe esincishe Usuthu igoli lokulinganisa.
Yize kungasho ukuthi abezolilamanisa lelo goli, kodwa akungabazeki ukuthi AmaZulu abezoba nomfutho owengeziwe ukuba libaliwe.
Azamile ke ukulithola elinye igoli futhi bekuyiwo abehlasela kuvalwe amehlo, kodwa kwala yona inhlanhla.
Nomfana omncane obecimbe okokuqala kuMaZulu, u-Olwethu Mzimela, kumele anconywe ngokuthi ukwazile ukuwavimba amabhola iSundowns ebiwazama.
Nodonga lwakhe lumsebenzele njengoba bekungakaningi la ezikaRulani Mokwena bezithola ithuba lokusondela kuye.
Bekuwumdlalo weshumi kwiligi kwiSundowns, kanti isayinqobe yonke, okuwukuqopheka kwerekhodi elisha ebholeni lakuleli.
Isazihola phambili kanti seyiphinde yavula igebe laba ngemaphuzu amahlanu. Inamaphuzu angu-30.
FUNDA NALA: UMotaung akatatazeli ngokufuna umqeqeshi omusha kwiChiefs
Ilandelwa yiCape Town City enangu-25. Usuthu lona ludunguzela le ngasemsileni njengoba lusendaweni ka-12, ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-13.