EzakamuvaiNedbank Cup

Kuhlengezele izinyembezi koweHighlands behlulwa kumaphenathi

Ucishe wachiphiza izinyembezi umdlali weHighlands Park uKamohelo Malale oqokwe njengobevelele bewasha ijezi kwiNedbank Cup ngoLwesithathu. 

UMalale ube nomdlalo omuhle, wengeza ngokushaya ingcwenga yephenathi yize begcinwe behlulwe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.

Kube yiSekhukhune United edlulela phambili emzuliswaneni wesibili kulo mqhudelwano.

Kodwa idlule izwile njengoba lezi zintwana zeHighlands zingazange ziyinike ithuba lokuzenzela kulo mdlalo obuseDobsonville Stadium.

“Ngibonga uMdali nokweskewa abaqeqeshi ngalokhu okwenzekile,” kusho UMalale ngemuva komdlalo.

“Ngisebenze kanxima namuhla, sonke sisebenze ngokuzikhandla. 

“Imizwa ingaphezu kwami njengamanje, bekungumdlalo omkhulu, bekuyinkundla enkulu lena kithina,” kusho lo mdlali. 

Kube uBayabonga Mbele kuphela oshwebayo sekukhahlelwa amaphenathi, kwab ewukuphela kwendlela yeHighlands Park.

Kodwa iHighlands Park beykhombise ukulwa okuhle njengoba ingazange iyiyeke iSekhukhune izenzele.

Empeleni nje yiyo ebiyenza kangcono emdlalweni kuyikho ukuthi beyithukela uma sekumele isondele emapalini eSekhukhune. 

Bekuvela ukuthi amava awakabi khona njengoba beyihluleka ukuhlanganisa iminyakazo yokuhlasela.

Kodwa emuva nasesiswini beyenza kahle kakhulu futhi umdlalo uze waya esikhathini esengeziwe. 

Kulapho ke ifike yalahleka kuleli qembu lika-Allen Freese, kwacaca ukuthi lisenabafana abancane abasadinga ukutotoswa. 

ISekhukhune ithole ibhola ebelibekwe phansi ngaphandle kwebhokisi kwesokunxele.

Ligotshiwe, lafika uTresor Tshibwabwa engamakiwe ebhokisini, lesi sitobha saseDR Congo asangabe sisangabaza, salinamathisela enethini. 

Umdlalo ube sewusinda kwiLions of the North ukusuka lapho, kwacaca ukuthi ayisekho indlela yokubuya. 

Nokho leli qembu libuye lakukhombisa ukuthi kungani libizwa ngamabhubesi ngesikhathi lithola elokulinganisa. 

Kube ngu-Emilio Abreu oshaye elokulinganisa, engqofa ngobuchule ibhola ebeligotshwe ngakwesokunxele. 

Leli goli lingene ngomzuzu wokugcine wesikhathi esengeziwe, kwacaca ukuthi indaba seyiyoqedelwa phansi kwepali.

Komunye umdlalo weNedbank Cup ngawo uLwesithathu, i-University of Pretoria ishaye iCape Town Spurs ngo 1-0.