EzakamuvaIbhola

OwoSuthu ucacisa ngokubavimbe ukuthola umdlali wePirates 

Sekuvele okubambe ukuthi uTshegofatso Mabasa asayine kuMaZulu FC njengoba leli qembu kade limfuna lo mgadli.

UMabasa ubebolekiswe yi-Orlando Pirates kwiMoroka Swallows FC kodwa emasontweni edlule kuvelile ukuthi Usuthu lumfuna eThekwini lo mgadli ongalibheki ipali.

Nokho ngokusho kukaPhilani Ndlela okhulumela Usuthu, inkinga emise yonke into kube yimali efunwa yiPirates ngalo mdlali.

“Njengoba usho nje zike zaba khona izingxoxo mayelana noMabasa ezinyangeni ezedlule,” kusho uNdlela ekhuluma neMpempe.

“Inkinga yethu enkulu kube yimali engu-R3.5 million efunwa yiPirates ukuze umdlali eze kithina.

“Asikwazi ukukhokha imali engaka ngomdlali ekubeni inkontileka yakhe (nePirates) iphela ekupheleni kwesizini. 

“Ngenxa yalokho mfwethu ngingakuqinisekisa ukuthi izingxoxo zimile.”

UNdlela uthe bona abafuni ukumeboleka uMabasa kodwa bafuna abe owoSuthu ngokuphelele.

“Asisababoleki abadlali thina, sesiyabathenga kuphela. Uma ungabheka eqenjini lethu uzobona ukuthi asinaye umdlali obolekiwe,” kusho uNdlela.

“Bonke abadlali esinabo abethu. Sesinqume ukubheka kwezinye izindawo ukuze sithole umgadli esimfunayo.”

UMabasa uyiqale kahle isizini eshaya amagoli abalulekile kwiSwallows. Useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni yeligi.