Uzohlale ekhona uma bemdinga uMkasi osule kwiKZNA
SIHLE NGUBO
Usegcine esulile uSteve Mkasi, obengumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), obese kuyihlandla lesibili ephethe lesi sikhundla.
Lokhu kulandela isigameko lapho uMkasi ebe nokuguduveyisana nomgijimi wakulesi sifundazwe kanzima, ngoJulayi nonyaka.
Laba bobabili baxabana kwashunqa uthuli isikhathi eside bekhuluma efonini ngoJulayi, kanti akuqondakali ukuthi kwakubangwani.
Kuthiwa uMkasi wathukuthela kakhulu, wacela ukuthi lo mgijimi amnike ikheli lakhe “ukuze ezoza azomshaya.”
“Umnikile ikheli umgijimi kodwa kwafike kwangahamba kahle ngoba uMkasi oshaywe yilo mfana, waze wamhudula etiyeleni,” kusho umthombo othembekile weMpempe ngoJulayi.
Yize uMkasi alwethula uhlangothi lwakhe, waphinde waxolisa ngesenzo sakhe, kodwa wagcina emisiwe esikhundleni sakhe ngesikhathi kusenziwa uphenyo.
Ngokusho kwesitatimende, uMkasi utshele ikomiti eliphezulu (Executive Committee) ngoLwesithathu ukuthi useyashentsha ngokuphazima kweso esikhundleni sakhe.
UMkasi ukhethwe ukuthi ahole isifundazwe ngo-2018, ngesikhathi i-Athletics South Africa (ASA) ihlakaza ibhodi eyayikhona, yase ifaka ababezohola isifundazwe okwesikhashana.
Ube esekhethwa njengomengameli weKZNA ngo-2021, waphinde wakhethwa okwesibili ngoJuni nyakenye.
Ngaphansi kokubuholi bakhe lube khona uzinzo kwezokusubatha KwaZulu-Natal, yize bekukhona ukungquzulana ngenxa yepolitiki yokubanga ukuphatha.
UMkasi uthe ushiye isikhundla abesiphethe egculisekile ngalokho akwenzile ngesikhathi sakhe.
“Ngizizwa nginokuthula ngalokho esikuzuzile ndawonye,” kusho uMkasi engxenyeni yesitatimende.
“Sisukile ekubeni yisifundazwe esiba yingxenye nje yezinto, saba yisifundazwe esincintisanayo.”
Ufisele ubuholi obusha obuzothatha okuhle kodwa, wathi uzohlale ekhona uma bemdinga.
“Ezokusubatha zingaphezu komdlalo nje eNingizimu Afrika. Ziyisisekelo elibalulekile,” kuqhuba uMkasi.
“Zifundisa abantwana bethu ukuziphatha ngendlela eqondile, uzinzo nokukholwa ukuthi bangaphumelela badlondobale ngaphezu kwalokho abayikona.
“Ezokusubatha zihlanganisa imiphakathi ziphinde zinike abantu abasha indlela lapho benengayiboni khona.
“Yikho lo msebenzi ungabalulekile ngokwezikhundla nokuphatha kodwa ubaleke ukuthi izingane zithathe izwe lethu zilise phambili. Asenze lokho okusemqoka kuhlale kusemqoka.”

