OweBucs ubuyelwe yithemba lesicoco seligi beshaya iCity
SIHLE NGUBO
Umdlali we-Orlando Pirates, uKamogelo Sebelebele, ufuna bavikele isicoco seligi abasinqobe ngesizini edlule.
Usho lokhu ngemuva kokuthi iBucs iqumbe phansi iDurban City ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Amstel Arena, ngoLwesine ebusuku.
Lo mdlali ushaye into ecokeme kulo mdlalo, futhi akumangazanga ukuthi ugcine eqokwe njengomdlali ovelele.
“Ngiyajabula ngewini, bekungewona umdlalo olula kithina,” kusho uSebelebele kwiSuperSport TV, ngemuva komdlalo.
“Siqale kancane kodwa ngesiwombe sesibili sahlangana, sathola amagoli amabili. Ngiyajabula ngendlela adlale ngayo amajita.
IPirates ayikalidedeli igoli kule sizini uma idlalela ekhaya, e-Orlando Amstel Arena.
“Alikho iqembu elizofike lizenzele umathanda la, kuseSigodini. Kule sizini sifuna ukuvikela iligi bese sinqobe nezinye izindebe,” kuphetha uSebelebele, ofike kwiBucs evela kwiTS Galaxy.
Ngesiwombe sokuqala izivakashi yizona ezithole amathuba amahle okushaya amagoli, kodwa zangawasebenzisa ngendlela.
Ngaleso sikhathi iPirates beyenza amaphutha emuva kodwa unozinti, uSipho Chaine, wakwazi ukuphunga amabhola amabi.
Nayo iBucs iwatholile amathuba ambalwa okushaya amagoli kodwa zagcina ziye ekhefini kungu 0-0.
Isiwombe sesibili siqale kuyiPirates ebihlasela kakhulu, kucaca ukuthi ifuna igoli ngenkani.
Ngomzuzu ka-57 ligcine libhobokile ithumba uLebone Seema eshaya igoli, kwaba ngu 1-0.
Iphinde yahlasela iBucs futhi akumangaza ngesikharhi uTshepang Moremi eshaya igoli ngomzuzu ka-68, kulandela ukuthola iphasi enhle ebivela kuSimphiwe Masilela.
Ukunqoba kweBucs kwenze yavala igebe laba amaphuzu amane, phakathi kwayo neMamelodi Sundowns esicongweni kwilogi yeBetway Premiership.
IBucs ingemuva ngemidlalo emibili kwiDowns. NgeSonto eZimnyama zizobhekana neMarumo Gallants, okungazenza zivale igebe libe yiphuzu elilodwa uma zinqoba.

