EzakamuvaIBetway Premiership

Umqeqeshi welePSL ushiswe yinsimbi ‘wabaleka’ engakaxoshwa

SIHLE NGUBO

Uvele wakhetha ukuziyekela yena, engakaxoshwa abaphathi beqembu, obengumqeqeshi weRichards Bay FC, uRonnie Gabriel.

Bekuvele kulindeleke ukuthi iNatal Rich Boyz kube khona ekwenzayo, mayelana nethimba labaqeqeshi, njengoba izinto zingahambi kahle selokhu kuqale isizini.

Leli qembu laseMhlathuze likulawo angakanqobi nowodwa umdlalo, selokhu kuqale isizini entsha yeBetway Premiership.

Emdlalweni wokugcina weligi isimo sibhede kakhulu njengoba iNatal Rich Boyz ibhaxabulwe omakhelwane iMilford FC ngo 5-1, ePrincess Magogo Stadium, ngeSonto.

UGabriel ungumqeqeshi wesine ukuhlukana neqembu leBetway Premiership, selokhu kuqale isizini.

Izembe liqale lagadla kuCedric Kaze, ochithwe yiSekhukhune United ngemuva kokushaywa yi-Orlando Pirates kathathu kulandelana (kuhlanganisa nemidlalo emibili yeMTN8).

Kuthe kasabhekwe lokho kwaxoshwa uLehlohonolo Seema obeqeqesha iSiwelele FC, nephini lakhe uWillem Jackson.

Yize iSiwelele iveze ukuthi isengababuyisa laba baqeqeshi, uma seyiqede uphenyo, kodwa mancane amathuba okuthi kwenzeke lokho.

Ngemuva kwalokho kube sekulandela uPhuti Mohafe nephini lakhe uMusa Bilankulu, abakhonjwe abeza ngayo yiMarumo Gallants, ngesonto eledlule.

IGallants ayizange ipholise amaseko njengoba seyiqashe uRonnie Kanalelo njengomqeqeshi wayo omusha.

UKanalelo ugqame edlalela amaqembu ebhola aseNingizimu Afrika, okukhona kuwona nompetha base-Afrika, iMamelodi Sundowns.

Useke wasebenza njengomqeqeshi eqenjini lesizwe laseNamibia nakwiMaritzburg United (esibizwa ngeDurban City), njengomqeqeshi wonozinti.

“IRichards Bay FC inendumalo ukumemezela ukuthi umqeqeshi uRonnie Gabriel usesulile ngokushesha,” kusho isitatimende seBay.

“Iqembu lizwakalisa ukubonga okukhulu kuGabriel ngokuzinikela kwakhe, ukusebenza njengomqeqeshi osezingeni elikhokhelayo, nakho konke akwenzele iqembu kumasizini edlule ngesikhathi eyingxenye yethimba labaqeqeshi. Simfisela okuhle kodwa.”

IBay isendaweni ka-14 kwilogi yeBetway Premiership. Emidlalweni eyisithupha ayokanqobi, yadlala ngokulingana emithathu, yase ishaywa kwemithathu.

Emdlalweni olandelayo weBetway Premiership izobhekana neSekhukhune United, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.