‘UMdali ungibeke kwi-ABC Motsepe League ukuze ngibone ukubola,’ kusho uJomo Sono
SIHLE NGUBO
Umphathi nomqeqeshi weJomo Cosmos, uJomo Sono, uthi kuyisibusiso esifihlekile ukuthi iqembu lakhe ligijima kwi-ABC Motsepe League.
EZenkosi ziyibamba kwi-ABC Motsepe League, eGauteng, futhi kubukeka kunzima kakhulu kuleli qembu likaSono ukucaba indlela ebuyela esigabeni esikhulu, iBetway Premiership.
ICosmos kudingeka iqale iqede phezulu kwilogi ye-ABC Motsepe League, eGauteng, ukuze izibekisele indawo emidlalweni yokuhlunga kazwelonke.
Uma seyidlala eyokuhlunga kumele ibalwe namaqembu amabili asuke ezodlala umdlalo wamanqamu, ukuze inyukele kwiMotsepe Foundation Championship.
Kule ligi nakhona ziyaphenduka kakhulu njengoba kungelula ukuba ngompetha, ukuze unyukele kwiBetway Premiership.
Nakhona kunemidlalo yokuhlunga enzima edlalwa maqembu aqeda endaweni yesibili neyesithathu, nalelo eliqeda endaweni ka-15 kwiPremiership.
Nokho uSono uthi kumfundisa lukhulu ukudlala esigabeni sama-amesha, okunzima kakhulu ukubuya kusona.
“Ngicabanga ukuthi uMdali ungibeke kwi-ABC Motsepe League ngesizathu, ukuze ngibone ukubola okwenzekayo…kubolile,” kusho uSono ekhuluma noThabiso Mosia kwiRadio 2000.
“Bonke abadlali bama-amesha abavikelekile. Osihlalo bamaqembu abavikelekile.
“Amaqembu ePSL ayazitamuzela nje kithina, athathe abadlali bethu mahhala.
“Lokho kungenxa yokuthi ngeke usayinise umdlali wama-amesha iminyaka emibili noma emithathu.
“Awumholeli umdlali. Into okwazi ukubanika yona yimali yokuzibheka nje. Ukwazi kuphela ukufuna imali yokuthi umkhulisile umdlali, futhi uma ubika kwiSAFA usuke udlala ngesikhathi sakho.
“Abasisizi ngalutho thina. Abaphathi (bamaqembu) balahlekelwa yimali.”
Kuke kwaba nomdonsiswano phakathi kweKaizer Chiefs neCape Town Spurs, kubangwa uLuke Baartman no-Asanele Velebayi.
Laba badlali bebesemabhukwini eSpurs isadlala kwiMotsepe Foundation Championship, ngesizini ka-2024/2025.
Kuthe uma iSpurs yehlela kwi-ABC Motsepe League, iChiefs yasayinisa laba badlali mahhala, okuyinto ecasule abaphathi beSpurs, kwaze kwahanjwa inkantolo.
IChiefs igcine iliwinile icala ngakho ukuthi abadlali bama-amesha basuke bengenazo izinkontileka namaqembu abo.
“Ngifisa ukuthi ngemuva kokhetho singanikwa ithuba lokulalelwa, ukuze sikhulume ngale ndaba,” kuqhuba uSono.
“Ngenhlanhla mina nginabameli. Ngivele ngithumele abameli bami kubona.
“Amaqembu afana neSekhukhune (United) angazi kahle. Bagcina bekhokhile.
“Kodwa kuthiwani ngabanye? Bangakhi kubona abakwazi ukuba nabameli?”

