Zishaywa ngesithende izinkakha enkulisa yeMamelodi Sundowns
Ziyekiswa ukuqeqesha izinkakha ezimbili zeqembu kwiMamelodi Sundowns njengoba kuqhubeka izinguquko.
Sekuvele imibiko yokuthi uJoel “Fire” Masilela no-Isaac Shai sebeyalelwe ukuthi bacabange ngokuthatha eminye imisebenzi engahambelani nokuqeqesha.
UMasilela noShai badlala kwiMamelodi Sundowns futhi beyizihlabani ezingaconsi phansi kubalandeli.
Sebenesikhathi bekhona enkulisa yeqembu. UMasilela ubepheka abafana abanemonyaka engaphansi kuka-15, uShai yena ekwanangaphansi kuka-17.
Kodwa ngokubika kwabeFar Post, sekunezinguquko ezenziwayo kanti laba ababili ngeke besaqhubeka nomsebenzi wokuqeqesha.
Kuthiwa lezi zinguquko zenziwa nguFlemming Berg oyiSporting Director kuleli qembu lasePitori.
Usenonyaka efikile kodwa usenze izinguquko ezinqala ngokubambisana nosihlalo weMamelodi Sundowns uThlopie Motsepe.
Kuthiwa nguye owenza izinguquko naseqenjini elikhulu, ebeka uRulani Mokwena njengomqeqeshi ehlakana ukubambisana kwakhe noManqoba Mngqithi.
“Batshelwe ukuthi ngeke besaqhubeka nokuqeqesha enkulisa yeqembu,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Banikwa isikhathi ukuze bayocabanga ngomunye umsebenzi abangawenza eqenjini ngaphandle kokuqeqesha.
“Kodwa ke ngoba vele bobabili babengabadlali, bayakuthanda ukuqeqesha. Banezindebe abaziwine namaqembu enkulisa.
“Yingakho ke kungelula kubo. Banikezwa nethuba lokuthi baqhubeke enkulisa kodwa babe ngobaba nje abagada abafana.
FUNDA NALA: UFloyd Mbele ulaxaze iPirates, angase avumbuke kwelaseLimpopo
“Kodwa ngathi abayizwa kahle leyo. Inkinga ke wukuthi ngabe bazokwazi yini ukugcina izinga lokuqeqesha elifunekayo enkulisa yeqembu.”