Imenenja icacisa ngesimo sikaJali kwiSwallows
Imenenja ka-Andile Jali, uMike Makaab, isikuqinisekisile ngokusemthethweni ukuthi naye ungomunye wabadlali abaxoshwa kwiMoroka Swallows.
Uma ulandela izindaba zebhola, uzokwazi ukuthi iSwallows isematheni, hhayi ngezizathu ezinhle.
Leli qembu aliyidlalanga imidlalo emibili ngoDisemba ngenxa yokuthi abadlali bebetelekile ngoba bengaholanga ngesikhathi ababefisa ngaso.
Isigungu esiqondisa ubugwegwe kwiPSL silihlawulisile leli qembu ngemuva kokuvuma icala lokuhlangalaza le nhlangano.
Iphinde yaphuzwa amaphuzu ayisithupha anikwa iMamelodi Sundowns neGolden Arrows okwakumele idlale nabo le midlalo ngoDisemba.
Ngemuva kwalezi zixakaxaka, iSwallows yaba nesayo isigungu sokuqondisa ubugwegwe njengoba yayisola abadlali ngokungenela isiteleka esingekho emthethweni.
Lokhu kwenza kuxoshwe abadlali abangu-22, kodwa manje sekuyavela ukuthi babebbaningi kunalokhu.
Kodwa amagama abanye iqembu lawagodla ngoba selisatshiswe ngomthetho ngabaphathi balabo badlali.
Njengoba Impempe yayibikile, u-Andile Jali naye wayengomunye walaba badlali futhi uMakaab usekuvumile lokhu.
Le menenja ikuveze lokhu ohlelweni lwezemidlalo engumhlaziyi kulo kwiGagasi FM ngoMsombuluko ebusuku.
“Abadlali esinabo abasesimweni esingesihle njengamanje oLantshene Phalane no-Andile Jali, u-AJ,” kusho uMakaab.
“Sinethemba lokuthi emasontweni ambalwa ezayo sizobe sesibalungiselile ikusasa labo nabo.
“Sijabule ngokuthi sibalungiselile abanye abane. UJali ubesayine inkontileka yesizini eyodwa, enombandela wokuvuselela.
“U-Andile ubengomunye wabadlali abaxoshwa yiSwallows… Wayithola incwadi emtshela lokho.
“Okwamanje siyakhuluma neSwallows, siyaphikisana nalesi sinqumo,” kuchaza uMakaab.
“Kumele sikucacise ukuthi u-AJ wayelimele (ngesikhathi sesiteleka) ngakho wayevele engakwazi ukuyojima.
“Wayengeke akwazi ukudlala. Yilelo iqiniso. Ngeke ngize ngicashe ngento engasile.
“Cishe manje sewuyangazi ukuthi uma ngingafuni ukukhuluma ngento, isuke ingelona iqiniso.
“Kodwa u-AJ wayelimele – wayengeke adlale. Yilokho esisebenzela phezu kwakho njenjamanje.”
Ebuzwa ukuthi ngabe uJali noPhalane bayajima yini neqembu njengoba kulungiselelwa ukubuya kwemidlalo yeligi, uthe lutho.
“Akusona isimo esilula ngoba bekuyiwindi likaJanuwari ngoba amaqembu aseyisebenzisile imali abeyibekele ukusayina abadlali.
“Amaqembu aqinisile la abeshoda khona (ngoJuni), ngakho akulula ukuthola iqembu.”
U-Andile Jali ujoyine iSwallows ekuqaleni kwesizini, futhi ufike wacaca umsebenzi awuzele njengoba iqembu belenza kahle kuze kube lihlaselwa yizinkinga zokungaholi kwabadlali.
FUNDA NALA: Ichithiwe iChiefs ifuna umdlali kwelasePolokwane
Izinto bezibukeka kahle enkundleni, iSwallows iyibambe kahle futhi ingelinye lamaqembu enza kahle kwiDSTv Premiershiop.