Ezakamuva

Kuphele nya ngokundiza kweZinyoni kwiPremiership

SIHLE NGUBO

IMarumo Gallants izobe idlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo kulandela ukuthenga isitifiketi seMoroka Swallows ngokusemthethweni.

Lokhu sekuqinisekisiwe njengoba leli qembu likhiphe isitatimende ligcwalisa into ekade ibikwa abezindaba. Likuqinisekisile futhi ukuthi iqembu lizothuthela eBloemfontein, eFree State.

ISwallows ibinenkinga yemali ngesizini edlule kangangoba ike yahluleka ukuya kweminye imidlalo yayo. Ihlawulisiwe ngokuthi ayiyanga ukuyodlala neMamelodi Sundowns kanjalo neLamontville Golden Arrows ngokulandelana.

Ithathelwe amaphuzu ayisithupha yase ikhokhiswa no-R1 million, kwalengiswa u-R600 000 ukuthi ingazitholi isesimeni esifanayo zingakapheli izinyanga ezingu-12.

Nokho izinkinga zemali ziqhubekile kwiSwallows yaze yaxosha inqwaba yabadlali. Abanye babo babuyile kodwa kugcine ngokuthi kuhambe umqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela, osekwi-Arrows.

Ukudayiswa kweSwallows kuchaza ukuthi isizodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. Abalandeli bayo bakhala ezimathonsi ngokuthi bavike izembe kuvalwe amehlo kodwa ekugcineni iqembu selidayisiwe.