EzakamuvaIbhola

Ichithiwe iChiefs ifuna umdlali kwelasePolokwane

IKaizer Chiefs ifake isicelo sokuthenga u-Oswin Appolis, umdlali wePolokwane City FC, ngaphambi kokuvalwa kwewindi ngoJanuwari 26. 

Kodwa leli qembu laseLimpopo liysichithile iChiefs, lathi alikakulungeli ukudedela lo mdlali.

U-Appolis, ojoyine iPolokwane City ekuqaleni kwesizini, kanti ukudlala kahle kwakhe sekumenze waze wangena eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Kumanje lo mdlali uyingxenye yeqembu likaHugo Broos eliwki-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast. 

IPhakaaathi ibika ukuthi iChiefs ibizimisele ngokuqinisa ngalo mdlali kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali elisanda kuvalwa.

Nokho iPolokwane City ayizange ijabule ngesicelo saMakhosi esibone singekho ezingeni elilindele.

“U-Oswin ungumdlali osezingeni eliphezulu. Akungabazeki ukuthi ungomunye wabadlali abahamba phambili kuleli njengamanje. 

“IPolokwane iyazi ukuthi izokwenza imali ngaye, futhi ingathola okungcono kakhulu kunalokhu okubekwe yiChiefs etafuleni. 

“Ukukutshela iqiniso ne, angimangali ngempela futhi into wukuthi akubona bodwa abafuna ukumsayinisa,” kusho umthombo.

“U-Oswin usakujabulela ukudlala kwiCity njengamanje futhi ngicabanga ukuthi yingakho enza kahle ngoba ayikho ingcindezi eqenjini (Polokwane City). 

“Angisakhumbuli ukuthi sagcina nini (iPolokwane City) ukuba nomdlali eqenjini lesizwe. 

“Ngakho-ke, abanye abantu bangahle bangakuboni, kodwa kuyimpumelelo enkulu yekilabhu futhi bazoqinisekisa ukuthi bamtholela into engcono.”

IChiefs igcine ingasayinanga noyedwa umdlali njengoba bekuvulwe iwindi lokusayina nje.