EzakamuvaIbhola

UKadodia uchitha abagaqele umsebenzi wokucija iMaritzburg

Usihlalo weMaritzburg United, uFarouk Kadodia uchitha izindaba zokuthi bahlela ukuqasha uVladislav Heric njengoba besanda kwehlukana noZipho Dlangalala. 

Kuke kwanamahlebezi afike ezindlebeni zeMpempe ukuthi uHeric, odabuka eSerbia, nguye ongase avale isikhala sikaDlangalala. 

Leli qembu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship limemezele ngoMsombuluko ukuthi selihlukene noDlangalala. 

Yize lingasibekanga isizathu, kodwa kucacile ukuthi kungenxa yokugqoza kwemiphumela njengoba lisendaweni yesikhombisa kumanje. 

UKadodia, okugcizelele ukuthi bafuna ukusheshe bajike babuyele kwiDStv Premiership, uthe okwamanje umsebenzi usezandleni zikaSimo Dladla. 

UDladla ubevele ekhona eqenjini njengoba ebeyiphini likaDlangalala, okunguye owamlanda ukuba bazosebenza. 

“Kuzoqhubeka uSimo Dladla. Lo mqeqeshi uyaziwa ngamagalelo akhe njengoba eke waqeqesha iReal Kings, iVenda Academy, Uthongathi FC…

“Manje lokho kusho ukuthi thina sinaye umqeqeshi,” kusho uKadodia ekhuluma neMpempe ngoLwesibili. 

Kuvela ukuthi uHeric uke wasifaka isicelo kuleli qembu, ngesethembiso sokuthi unamava ekunyuseni amaqembu awase kwiPremiership. 

Wake wayinyusa yona iMaritzburg phambilini, waphinda wakwenza kwiChippa United. 

Emaqenjini aseke wasebenza kuwo singabala iBlack Leopards, Cape Town All Stars, Bay United, Cape Town Spurs, Polokwane City, Marumo Gallants, ne-Ubuntu Cape Town. 

IMaritzburg izinto aziyihambeli kahle njengoba isidlale imidlalo engu-13 yanqoba emdlalweni emihlanu kuphela.