EzakamuvaIbhola

UPitso ‘ukulungele’ ukutakula i-Abha FC ezembeni

Ukuthi uvumile uPitso Mosimane ukuthatha umsebenzi obukeka ungase ungcolise igama lakhe yinto ethathe amehlo kwabaningi.

Lo mqeqeshi wakuleli usebenze kanzima ukuzakhela igama ebholeni lomhlaba njengoba enqobe izicoco eziningi e-Afrika. 

UPitso uzinqobe neMamelodi Sundowns ne-Al Ahly izicoco, waphinda wayosiza i-Al-Ahli yaseSaudi Arabia ukuyinyusela esigabeni esiphezulu.

Nokho leli qembu labe selimshaya ngesithende eselinyusile, lalanda umqeqeshi wase-Europe. 

Usuke lapho wadlulela e-United Arab Emirates, kwi-Al Wahda la afike waxoshwa khona esabukeka eza kahle. 

Ubesadlale imidlalo eyisikhombisa kwiligi, wanqoba emine, wahlulwa kwemithathu ngesikhathi exoshwa. 

Lokhu kube yichashaza elibi kwiCV yakhe ebukeka iyinhle kakhulu. Manje usethathe umsebenzi wokuyotakula i-Abha FC khona eSaudi Arabia.

Uveze ukuthi ukulungele ukusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi iqembu lakhe elisha liyasinda ezembeni.

Leli qembu lisanqobe kane emidlalweni engu-19 kanti linamaphuzu angu-14 nje kuphela. 

Lisendaweni ka-17 kwilogi yeSaudi Pro League enamaqembu angu-18. Lisalelwe yimidlalo engu-15.

“Kumnandi kakhukulu ukuphinde ngibuyele enkundleni,” ubhale kanje uMosimane ezinkundleni zokuxumana. 

“Sinohambo olusha olujabulisayo kwi-@abhafc. Sikulungele ukwenza umsebenzi odingekayo ukuze sikhuphule iqembu. 

“Ngibonga umengameli nebhodi yeqembu ngokunginika lo msebenzi. Uma abalandeli beseseka, kanjani sizophumelela.” 

UPitso uhambe nethimba lakhe alethembayo okungoMaahier Davids, Kabelo Rangoaga, Musi Matlaba, Kyle Solomon, Hamad Alyami.

Ngaphambi kokuthatha lo msebenzi, uPitso ubebhekwe emaqenjini amaningi okubalwa kuwo neKaizer Chiefs kwiDStv Premiership.