Kuminciwe kwiMorocco neBafana ngabadlali abalimele
SIHLE NGUBO
USofiane Boufal ngeke abe khona (ngenxa yokulimala) uma iMorocco seyitholana phezulu neBafana Bafana emdlalweni weLast 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon).
Ngakolunye uhlangothi iMorocco ibambe umoya ngoHakim Ziyech othinteke iqakala.
Lo mdlali akazange aziqeqeshe nezakhe ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
UHakim Ziyech kuvela ukuthi uzobuya aziqeqeshe neqembu ngoLwesibili, ngaphambi komdlalo neBafana Bafana.
Nokho kuvela ukuthi leli nxele beliziqeqesha lodwa libhekwe odokotela ngeso lokhozi ngoMsombuluko ebusuku.
Lo mdlali, ozalelwe eNetherlands, useshaye amagoli angu-22 emidlalweni engu-59 egqoke imibala yeMorocco.
Ekhempini yeBafana Bafana nakhona kuminciwe ngesimo sikaKhuliso Mudau noMothobi Mvala.
Ebuzwa ngalaba badlali umqeqeshi uHugo Broos, akafunanga ukuphumela obala ngoMsombuluko.
“Ngeke ngikwazi ukuphendula lowo mbuzo, hhayi okwamanje,” kusho uHugo Broos.
“Ngizothola umbiko ogcwele uma sebehloliwe ngoMsombuluko ngemuva kokuziqeqesha. Yilapho engizoba khona nesiqiniseko.”
Kubukeka sengathi womabili amaqembu azothula du, angasho lutho ngabadlali okuminciwe ngabo kuze kuqale imidlalo.
Ziyaphenduka e-Ivory Coast kwi-Afcon, ngakho wonke amaqhinga onawo kumele uwasebenzise.
Kuyimanje amazwe athathwa njengamakhulu ebholeni lase-Afrika asephumile kwi-Afcon.
Lapha sibala iSenegal, i-Algeria, Cameroon, iGhana neTunisia.
FUNDA NALA: UPitso ‘ukulungele’ ukutakula i-Abha FC ezembeni
Ozowina phakathi kweMorocco neBafana Bafana uzotholana phezulu neCape Verde kwi-quarterfinal ye-Afcon.

