EzakamuvaIbhola

UHunt uthi bazigwaze ngowabo beshaywa yiDowns

Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, ukholwa ukuthi bekumele bayishaye iMamelodi Sundowns ngoLwesithathu ebusuku.

Kulo mdlalo weDStv Premiership kuwine iSundowns ngo 2-0 yize ibingawuqalanga kahle umdlalo. 

ISuperSport bekumele kube iyona eshaye igoli kuqala kodwa yehluleka ukwenza lokho.

“Sibe nenqwaba yamathuba, ukwedlula bona. Umdlalo besiwuphethe isikhathi esiningi,” kusho uHunt ngemuva komdlalo.

Okuhlaluke kulo mdlalo ukuthi iSuperSport ibingayivumeli iSundowns ukuthi idlale ibhola elijwayele ngemizuzu yokuqala. 

Kunalokho ibiyicindezela iyiphoqa ukuthi yenze amaphutha emuva.

Amathuba ayo ayiwasebenzisanga iSuperSport, kanti kugcine kuyiyona ebiyenza amaphutha. Zishintshe sekungu 2-0 ngemuva kwagoli kaPeter Shalulile noLucas Riberio.

UShalulile ubeseshaya igoli lakhe lika-110 selokhu Afrika kwiPremier Soccer League (PSL). 

Lokho kumenza alingane noDaniel Mudau noMabhuti Khenyeza. Usele ngamagoli angu-14 ukuthi ephule irekhodi likaSiyabonga “Bhele” Nomvete elingu-124 wamagoli.

Uma engalimalanga, akungabazeki ukuthi uShalulile engaliphula leli rekhodi ingakapheli le sizini.