Ugejwe enye indebe okubhekwe ayotakula iChiefs
SIHLE NGUBO
Kuphinde kwangahamba kahle kuNasreddin Nabi ophuthwe yindebe yesibili ne-AS FAR yaseMorocco, abegcina ukuyiqeqesha.
Lo mqeqeshi, okubhekwe ukuthi azotakula iKaizer Chiefs, iqembu lakhe lishaywe yiRaja Casablanca ngo 2-1 kowamanqamu weThrone Cup ngoMsombuluko ebusuku. IRaja, eqeqeshwa uJosef Zinnabauer, bese kungokwesibili igila i-ASFAR.
Ngenyanga edlule ezikaZinnbauer, owayecija i-Orlando Pirates, zihlwithe isicoco seligi emidlalweni yokugcina yeBotola Pro. I-AS FAR igcine iphume isibili kule ligi.
Ngemuva komdlalo wamanqamu uNabi uxolisile ngokuthi akanqobanga lutho naleli qembu.
“Ngiyaxolisa kwi-AS FAR ngokulahlekelwa izicoco ezimbili esikhathini esifushane. Asikwazanga ukuletha injabulo ezinhliziyweni zabalandeli kodwa lelo yibhola ke,” kusho uNabi.
“Bengifisa ukuqhubeka neqembu kodwa ngokuzayo izindlela zethu zingaphinde zihlangane futhi. Lena bekuyisizini eqinile kubadlali, bengibafuna okuningi. Mhlawumbe bebekhathele.
“Ngicabanga ukuthi kungcono ukuthi kufike umqeqeshi ohlukile nemibono emisha. Ngiyababonga kakhulu abadlali ngokuzinikela kwabo.”
Irekhodi likaNabi kuleli qembu alilibi neze. Emidlalweni engu-38 unqobe engu-27, wadlala ngokulingana emihlanu wase eshaywa kweyisithupha. Iqembu lishaye amagoli angu-89 lase lidedela angu-38.