EzakamuvaiNedbank Cup

Odlalela elePSL ugweme iqembu aliphethe kwiNedbank Cup 

Iqembu iD’General, usihlalo walo okunguKamohelo Mokotjo, likwazile ukugwema iSekhukhune United ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobhekana kwiNedbank Cup Last 16, ngoMsombuluko.

UKamohelo Mokotjo udlalela iSekhukhune njengamanje, futhi bekuzoba khona ukishayisana kwezinto ukube iqembu alidlalelayo liqhathwe neqembu lakhe.

Ngenhlanhla iD’General iqhathwe neTS Galaxy, futhi abaningi babona ingeke idlule kuleli qembu likaTim Sukazi, eselike layiwina iNedbank Cup.

Ngakolunye uhlangothi iSekhukhune izokwamukela AmaZulu FC emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup.

“Ngiwusihlalo weqembu iD’General ngokubambisana no-Ba2Cada (umsakazi weLesedi FM),” kuqinisekisa uKamohelo Mokotjo.

“Sathenga isitifiketi seqembu ngo-2019. Lokhu sakwenzela ukuthuthukisa abadlali eFree State.”

Akucaci ke ukuthi ukube iD’General iqhatheke neSekhukhune ubezomisa kanjani uMokotjo. 

I-D’General idlala kwi-ABC Motsepe League eFree State futhi isinabalandeli ananingi impela.

Kuyona iNedbank Cup i-Orlando Pirates, okuyiyona evikela isicoco, izobhekana neHungry Lions ekhaya, nokuyinika ithuba elihle lokudlulela phambili.

IMamelodi Sundowns izokwamukela iMaritzburg United, kanti nayo ibukeka izozidlulela kalula ibheke kuma-quarterfinal.

Umdlalo ongase udle ngokushuba ophakathi kweRichards Bay FC neSuperSport United, okungamaqembu agijima kwiDStv Premiership.

NaMaZulu FC kuyomele azibambe ziqine njengoba ezovakashela iSekhukhune , engagayelwa mphako ekhaya.

Izinsuku nezinkundla okuzodlalelwa kuzoba kuzomenyezelwa maduze yiPremier Soccer League (PSL).

Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup Last 16 imi kanje: Milford FC v Stellenbosch FC, Mamelodi Sundowns v Maritzburg United, Sekhukhune United v AmaZulu FC, Chippa United v FC Ravens, Orlando Pirates v Hungry Lions, University of Pretoria v Moroka Swallows, Richards Bay FC v SuperSport United, D’ General v TS Galaxy