EzakamuvaIbhola

Ngabe iChiefs noKhama Billiat bangathelelana amanzi?

Kubukeka sengathi uKhama Billiat kuzofuneka azehlise ayoxolisa kwiKaizer Chiefs, ukuze abuyele enkundleni aphinde adlale ibhola.

Lo mdlali waseZimbabwe ushiye eNaturena kungasekuhle njengoba evele wahamba engashongo ekuqaleni kwesizini. 

Nokho kuze kube yimanje akanalo iqembu alidlalelayo, selokhu eshiye Amakhosi.

UKhama Billiat ubehlushwa wukulimala kwiChiefs ngesizini edlule, nokwenze ukuthi angabonakali emidlalweni eminingi. 

IChiefs yachitha imali eningi imelapha ngoba inethemba lokuthi izomgcina okungenani enye isizini eyodwa. Leli qembu lamnika inkontileka entsha ukuthi ayisayine.

Kuvele imibiko yokuthi akubanga khona ukuvumelana ngoba imali abezoyihola bese yehlisiwe, ebona isincane kakhulu. 

Lo mdlali ungomunye walabo okuvela ukuthi bebehola kakhulu kwiChiefs ekanye noKeagan Dolly no-Itumeleng Khune.

Yilaphoke uBilliat enqume ukushaya isishwapha sakhe ahambe kuMakhosi, ngaphandle lokuvalelisa. IChiefs yabe seyikhipha isitatimende ichaza ukuthi uBilliat ayimazi ukuphi.

URatshibvumo Mulovhedzi, ongumphathi wabadlali, ukholwa wukuthi isimo sisengalungiseka phakathi kukaBilliat neChiefs.

“Njengomphathi wabadlali, futhi sengike ngabhekana nesimo esifana nesikaKhama Billiat phambilini, into engingamcebisa ngayo ukuthi abuyele kwiChiefs ayoxolisa,” kusho uMulovhedzi kwi-SNL24.

“IChiefs yayifuna ukumnika inkontileka entsha kodwa ngezizathu ezingaziwa wayinqaba. 

“Buyela emuva eqenjini, uma unenhlanhla uzothola ithuba lokudlala ibhola futhi, kwelinye lamaqembu amakhulu lapho bewuthandwa khona yinqwaba yabalandeli.

“Kumele amukele noma yini abayibeka etafuleni bese abeke umqondo wakhe ekudlaleni ibhola. Angaxhumana kahle kakhulu no-Edson Castillo esiswini.”

UBilliat uke wazama inhlanhla kwiZamalek yase-Egypt kodwa kwangalunga. Uke wamatinswa namaqembu aseSaudi Arabia kodwa nakhona kwagcina kuthule.

Lo mdlali akudingeki ukuthi alinde iwindi likaJanuwari (lokusayinisa abadlali) ngoba akanalo iqembu anenkontileka nalo. 

Impempe isanda kuthola ukuthi kumanje lo mdlali ujima ngokuzikhandla beno-Evans Rusike ngoba bebheke ukuthola amaqembu abazodlala kuwo ngoJanuwari.

Ngabe kungaba khona ukuthelelana amanzi phakathi kweChiefs noBilliat? Ukuhamba kwesikhathi okuzophendula lo mbuzo.