EzakamuvaIbhola

Isizemazema senkinga kwi-Orlando Pirates ngokulahlwa yicala lokushaya kukaLorch

By Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates seyizithole isemehlweni omphakathi ngesimo esinzima, esiyiphoqa ukuthi ithathe isinqumo esingezukuba lula neze nesingaze siyilimaze. 

Lokhu kulandela ukulahlwa yicala komdlali wayo uThembinkosi Lorch. Ulahlwe yicala lokushaya ngenhloso youlimaza owesifazane.

Lesi sigameko senzeka ngoSepthemba ka-2020 la uLorch ashaya khona uFundiswa Nokuphiwa Mathithibala okukholakala ukuthi wayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi. 

Inkantolo yeMantshi yaseRandburg imthole enecala lo mdlali we-Orlando Pirates ngoLwesibili ntambama. Uzogwetshwa ngoJulayi 28. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi i-Orlando Pirates isekhaleni lempi yokuqeda isihlava sokuhlukunyezwa nokushaywa kwabesifazane nezingane. 

Le mpi iyilwa ngokubambisana nabaxhasi bayo iCarling Black Label futhi bahlale benemikhankaso yokuqwashisa ngalesi sihlava. 

Ezigamekweni zakamuva la abadlali bayo betholakale besolwa ngecala elihambisana nokuhlukumeza noma ukushaya, leli qembu beliphuthuma libamise. 

UBen Motswari uke wabhekana nalezi zinsolo ngesizini edlule futhi wamiswa amaviki amabili engazihlanganisi neqembu. 

Waze wabuya ngoba sekuvele ukuthi lezi zinsolo zazingelona iqiniso futhi necala selihoxisiwe. Ngesikhathi amaphoyisa efonela iPirates eyazisa ngalezi zinsolo, yawalayela la ayekhona lo mdlali. 

Waboshwa phambi kozakwabo ejimini ookuyinto okuthiwa iPirates yayiyenzela ukuthi ibe yisifundo nakwabanye. 

NoNkanyiso Zungu washeshe wamiswa, wacgcina ebolekiswe kwiRichards bay ngenxa yezinsolo ezifanayo. Naye wayeshaye owesifazane. 

Nokho nelakhe icala lagcina lihoxisiwe. Kodwa ke manje njengoba uLorch yena selimgwebile nje, sekubhekwe ukuthi izothini i-Orlando Pirates. 

FUNDA NALA: Ulahlwe yicala lokushaya intombi uThembinkosi Lorch wePirates

Kufanele ukuba izokwenza okungaphezulu kokummisa eqenjini futhi abanye babona kumele inqamule inkontileka yakhe ngokushesha. 

Lokho kungaba yisinqumo esinzima ke kwazise ungomunye wabadlali abaphambili kuleli qembu futhi abangaconsi phansi kubalandeli. 

Uma exoshwa uLorch abalandeli bazovungama. Kodwa uma eyekwa, kuzofana nokuthi isuke izenzisa nje uma ithi ayihambisani nokuhlukunyezwa nokushaywa kwabesifazane nezingane.

IPirates beyingakasho lutho ngalolu daba kanti kulindeleke iphawule ngalo ngoLwesithathu, icacise ukuthi yikuphi okuzokwenzeka ngoLorch.