URiveiro uphawula ngokusha komthombo wamagoli kwiBucs
ALFRED NGUBANE
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uthi umsebenzi uwenza wonke kodwa yinhlanhla ayibavumi muva nje.
Uthi udinga kubuye inhlanhla ebalahlekele njengoba behluleka ukuqobela enethini amagoli.
Lo mqeqeshi uthi kumanje uzama ukuthola isixazululo sokushaya amagoli.
IPirates ibonakala idlala kahle emuva naseswini kodwa inhlanhla yamagoli ayivumi.
Iwashiswe ijezi yiRochards Bay kwiCarling Knockout ngenxa yakho ukuhlulwa amathuba alula.
Kuze kwayiwa kumaphenathi la iRichards Bay ifike yanqoba khona, unozinti wayo omncane uManqele eba yiqhawe ngokuvimba iphenathi kaDeon Hotto.
Yize eyivuma le nkinga yamagoli, iyaxaka ukuthi iqhamukaphi njengoba umgadli uZakhele Lepasa eqale isizini ewaqhulula amagoli.
Nokho uRiveiro wenqabile ukuphawula ngokusha komthombo wamagoli kulo mgadli.
Muva nje uRiveiro uqala imidlalo ngo-Evidence Makgopa kanti ibukeka isathukela isisinga kulo mgadli.
Okwamanje uMakgopa usashaye amagoli amabili kuphela futhi abalandeli sebeqalile ukuhohoza ngaye.
Uthi uma ephethe ibhola bamhhahhameze, bashwibe izandla bekhombisa ukuthi makashintshwe.
Ekhuluma ngalokhu muva nje, uRiveiro wathi kumele asekwe lo mgadli, kodwa wayishiya kuye inselelo ethi kumele aqine.
FUNDA NALA: Welele, sekuvele kwaba mnyama kakhulu kweziMnyama
Wathi noTerrence Dzvukamanja uyiqale engafunwa isizini edlule, kodwa yaphela eseyiqhawe elingaconsi phansi kubalandeli.