Inkakha yeBanyana Banyana ibona u-Ellis eyisithiyo
NONDUMISO HADEBE
Umdlali owabangumdlali wokuqala ukushaya amagoli angu-100 kwiBanyanya Banyana, uPortia Modise usephonsele leli qembu inselelo njengoba lizobhekana neTanzania.
IBanyana izogadulisana neTanzania emdlalweni wokuhlungela ama-Olympics ngoLwesibili ngo7.30 ebusuku eMbombela Staduim.
Yize uModise ephonsele iBanyanya Banyana inselelelo wayifisela nenhlanhla, ubona leli qembu lingeke lenze kahle emiqhudelwaneni emikhulu.
“Uyabona nje uma iBanyanya Banyana iqhubeka nokudlala namaqembu anteketeke, isazoqhubeka nokungenzi kahle emiqhudelwannei emikhulu.
“Lizoqhubeka futhi lihlazeke njengoba lahlazeka eNdebeni yoMhlaba ebingonyaka odlule eNew Zealand nase-Australia,” kusho uModise.
Uphinde waphumela obala ngabona kuyisithiyo emphumelelweni yeBanyana Banyana.
“Inkinga enkulu kwiBanyanya umqeqeshi wayo uDesiree Ellis,” kusho yena.
“Lizoya kanjani iqembu phambili liqeqeshwa umuntu onganalwazi lokuthi iqembu liphathwa kanjani.
“Inkinga yakhe enkulu ukuthi uchemile kakhulu mase kuza kubadlali. Kuya ngokuthi uyakuzwa yini egazini.”
Okunye okuvezwe uModise ukuthi abadlali abadlala manje kwiBanyanya Banyana abanaso isibindi sokuphumela obala ngesandla sentsimbi sikaDesiree Ellis.
“Abanaso isibindi esifana nesami nabanye abadlali esasinabo ngoba thina sasizikhulumela, singenalo uvalo.
“Abadlali bayasaba ukukhuluma ngoba banovalo lokuthi ngeke banikwe ithuba lokudlala,” kusho uModise.
FUNDA NALA: Izinyembezi kubaphathi iChiefs iwashiswa ijezi
Uveze nezinsolo zokuthi u-Ellis unakho ukwenzelela abadlali ngokubheka ubuhlanga.

