IBetway Premiership

OwoSuthu nesethembiso esikhulu kubathandi beqembu 

SIHLE NGUBO 

Umqeqeshi waMaZulu FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, uthembisa ukuthi bazoqeda endaweni engcono kwilogi yeBetway Premiership ekupheleni kwesizini.

UVilakazi uqeqesha Usuthu ngokubambisana no-Arthur “10111” Zwane. Ubekhuluma ngemuva kokuthi AmaZulu eshaye iCape Town City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eKapa, ngeSonto.

Njengamanje kubukeka sengathi Usuthu luyawuthola umgqigqo walo kulandela ukungayiqali kahle isizini. Lusendaweni ka-11 ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyishumi.

UVilakazi uthe bazolokhu beqhubekile nokusebenza kanzima nasemidlalweni ezayo yePremieship.

“Kuyikona ukuqhubeka silokhu sisebenza mfowethu. Ngesikhathi sifika lapha iqembu belisendaweni yokugcina,” kusho uVilakazi.

“Kudingeke ukuthi sisebenze kanzima ukuze sizibone sisendaweni ehloniphekile. Namanje asijabulile ngendawo esihleli kuyona njengamanje kodwa sizosebenza kanzima ukuya phambili.

“Nakanjani emdlalweni wethu olandelayo sizobe sibheke ukuthola amaphuzu aphelele futhi sizobe sidlalela ekhaya. Kuseva kithina ukuthi singathi sijabule futhi iseyinde indlela.

“Ekupheleni kwesizini sifuna ukuzibona sisendaweni ehloniphekile.”

Emdlalweni olandelayo Usuthu luzokwamukela iLamontville Golden Arrows, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.