IChiefs ivale unyaka ngokunqoba eThekwini
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs iwuvale kahle unyaka ngesikhathi ishaya iChippa United ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto.
Bese kuphele imidlalo emithathu yeligi iChiefs ihluleka ukunqoba, nokuyinto ebiyicindeza kakhulu.
IChiefs iwuqale kahle umdlalo kuyiyona ebikhombisa ukuba yingozi uma iya phambili. Nokho ibimfica ephila uStanely Nwabali ezintini zeChilli Boys.
Ligcine libhobokile ithumba ngomzuzu ka-45 ngesikhathi uMduduzi Shabalala eshaya elihle igoli. Ziye ekhefini kungu 1-0.
Ngesiwombe sesibili iChippa ibuye ingcono kakhulu, yazama ukwakha amathuba okushaya amagoli. Nokho iChiefs ibambelele egolini layo elilodwa.
Emizuzwini yokugcina bese kucindezela iChilli Boys ifuna igoli lokulinganisa. Bekusiza uBruce Bvuma sekuvalwe amehlo.
Ukunqoba kweChiefs kuyenze yabuyela kwiTop 8 njengoba isisendaweni yesikhombisa. Iyaqala kule sizini ukunqoba bese ingalidedeli igoli.