EzakamuvaIbhola

Sekuphinde okujwayelekile kwiChippa ihlukana nomqeqeshi

SIHLE NGUBO 

Sekuphinde into ejwayelekile kwiChippa United njengoba leli qembu laseGqeberha seliqinisekise ukuthi kuphelile phakathi kwalo nebengumqeqeshi, uKwanele Kopo.

Uma kuvela izindaba ezinjengalezi kwiChilli Boys, kuyaye kungamangazi kakhulu ngoba yinto ejwayele ukwenzeka.

“IChippa United ingakuqinisekisa ukuthi umqeqeshi uKwanele Kopo uzoshiya njengomqeqeshi njengoba inkontileka yakhe ifika esiphethweni namuhla (Disemba 31) phakathi kwamabili,” kusho isitatimende seChippa.

“Yize lo mqeqeshi ebenikiwe ithuba lokuvuselela inkontileka yakhe ezinyangeni eziyisithupha ezedlule kodwa ukhethe ungayivuseleli, ebeka isimo sokuthi ufuna ukubuyela eGoli ayoba nomndeni wakhe, nokubheka izinto ezithinta yena.

“Njengoba sivalelisa kumqeqeshi uKwanele Kopo kuyintokozo ukumemezela ukuthi uThabo September uyena osezoba umqeqeshi weqembu, aqhubeke nohambo lwakhe abesevele eluqalile.

“Uzokwesekwa osanda kuqashwa njengephini lomqeqeshi uMabhuti Khenyeza, ofika nolwazi kanjalo namava awathole phambilini njengomdlali nomqeqeshi.”

IChilli Boys ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, ngeSonto.

UKhenyeza osethushuka kwiChippa ushiye kungalindele muntu kwiLamontville Golden Arrows. Ngemuva kwalokho leli qembu laseThekwini likhiphe isitatimende lithi lo mqeqeshi ulovile emsebenzini, yize yena ethe usesulile.