EzakamuvaIBetway Premiership

‘IChiefs izoqhubeka nokunganqobi lutho,’ kusho ingwazi

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana, uKatlego Mashego, uthi iKaizer Chiefs ngeke inqobe lutho nakule sizini ezoqala ngoba ayinabo abadlali.

Ngokubona kukaMashego, umqeqeshi omusha weChiefs uNasreddine Nabi kumele anikwe isikhathi sokwakha iqembu lakhe. Amakhosi sekuphele iminyaka engayiqukuli indebe.

Isizini edlule ibiyimbi kakhulu kwiChiefs njengoba ihluleke nokuqeda kwiTop 8 ngaphansi komqeqeshi obebambile uCavin Johnson. Njengamanje ayikho kwiMTN 8.

“IKaizer Chiefs isakha namanje, kade baqala ukwakha futhi angazi bayoqeda nini. Banomqeqeshi omusha, abadlali abaningi abasebancane nezinto eziningi okumele bazenze,” kusho uMashego.

“Ngiyabona ukuthi yini umqeqeshi omusha afuna ukuyenza kodwa kuzothatha isikhathi eside ukuthi bakhe iqembu elizofaka inselelo esicocweni seligi. Angicabangi ukuthi banokwanele ukuphonsa inselelo kwiligi kodwa i-Orlando Pirates izokwazi, ibukeka ihlangene futhi ihlelekile.”

Kumasizini edlule iSundowns iyona ezigiyelayo ekunqobeni isicoco seligi. UMashego akaboni kuzoshintsha lokho.

“ISundowns izohlale ikhona (emjahweni wesicoco) ngoba inabadlali abasezingeni eliphezulu. Basanda kulahlekelwa umqeqeshi kodwa ngokwami iPirates iyilungiselele kangcono isizini,” kusho uMashego.

“Ngicabanga ukuthi kunzima ukusho ukuthi yini okumele yenziwe yiChiefs. Banomqeqeshi omusha nabadlali abasebancane abangakazuzi lutho ebholeni.

“Ngokuhamba kwesikhathi bangakhula bahluke kodwa okwamanje angikholwa ukuthi banokwamele ukuphonsa inselelo kwiSundowns noma iPirates.

IChiefs isanda kusayinisa uGaston Sirino, obedlala kwiSundowns, uBongani Sam, obekwiPirates noFiacre Ntwari obekwiTS Galaxy.