IPirates idlulele kuma-quarterfinal kwiCaf Champions League
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates idlulele kuma-quarterfinal eCaf Champions League kulandela ukushaya iCR Belouizdad yase-Algeria ngo 2-0 emdlalweni kaGroup C, e-Orlando Stadium, ngeSonto ntambama.
EZimnyama bezidinga ukunqoba lo mdlalo ukuze zidlulele phambili kwiChampions League. Emdlalweni wokugcina kuGroup C zizobhekana ne-Al Ahly yase-Egypt, kanti ziyobe zidinga ukudlala ngokulingana kuphela ukuze ziqede eqhulwini eqoqweni layo.
Njengamanje iPirates inamaphuzu angu-11 esicongweni, kanti endaweni yesibili kuhleli ompetha beChampions League i-Al Ahly.
IBucs ikhombise zisuka ukuthi ifuna ukuzinqumela Esigodini Sikamaminzela izivakashi kulo mdlalo. Igoli liqhamuke ngomzuzu ka-20 noRelebohile Mofokeng.
Ngesiwombe sesibili umdlalo ubulingana kodwa yiBucs ebibukeka iyingozi uma iya phambili. Ngomzuzu ka-61 uThalente Mbatha udonse imbumbulu yeshodi wasala eneke amanabukeni unozinti weCR Belouizdad, lakhala phakathi.
Ngemuva kwalokho i-Orlando Stadium ibisichwaza abalandeli befuna igoli lesithathu. Bebebona ukuthi izivakashi bese zididekile.
I-CR Belouizdad ngeke isadlulela kuma-quarterfinal noma ingawunqoba umdlalo wayo wokugcina. Inamaphuzu ayisithupha nokuchaza ukuthi ingaqeda inamaphuzu ayisishiyagalolunye uma inqoba emdlalweni wokugcina kuGroup C.
EZimnyama ziqede imidlalo yamaqoqo zingakaze zidedele igoli uma zidlalela ekhaya e-Orlando Stadium.