ISundowns imise osolwa ngokuputshuza ulwazi oluyimfihlo
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns seyimise umsebenzi wayo osekunesikhathi eside eseqenjini, uMario Masha, oyi-performance analyst, ngezinsolo zokuputshuza ulwazi lweqembu oluyimfihlo.
UMasha sekunesikhathi eside kakhulu esebenza kwiSundowns njengoba efike ngo-Agasti ka-2015.
Ungumuntu onamava kakhulu njengoba enesitifiketi i-UEFA A Licence, kanti uke wasebenza kwiNew York Red Bulls (edlala kwiMLS) kusukela ngo-2009 kuya ku-2011.
Izinsolo ezingaqinisekisiwe zithi uMasha ukhipha lonke ulwazi oluyimfihlo lweqembu, alinike othile noma abathi bangaphandle.
Lapha kumbandakanya ukuziqeqesha kweqembu, izinhlelo zokuthi lizodlala kanjani, nakho konke okusuke kuthinta izimbangi abazobhekana nazo.
Asikho isitatimende esesikhishwe yiSundowns mayelana nokumiswa kukaMasha, nokucacisa ukuthi umiselweni.
Kwenzeka lokhu nje iSundowns ilinguselela umdlalo obaluleke kakhulu, ozocacisa ngeqembu kwiCAF Champions League.
Abafana Ba’Style kumele banqobe nakanjani uma sebebhekene neMC Alger, yase-Algeria, emdlalweni kaGroup C wokugcina, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Leli qembu laseChloorkop lizophuma kwiChampions League uma linganqobi kwiMC Alger, eqeqeshwa uRulani Mokwena, oke wacija iSundowns.
UMiguel Cardoso, oqeqesha iSundowns, uke wayithi halamuzi ethinta uMasha, yize engakhulumanga ngagama lamuntu, ngemuva komdlalo wabo neSaint Eloi Limpopo, eDR Congo ngeSonto.
“Sizoyithola indlela, sizozama indlela ingcono ukuze izimbangi zingazi ukuthi sizodlala kanjani,” kusho uCardoso.
“Ngethemba ukuthi izimbangi ngeke zikwazi ukuqagela ukuthi sizodlala kanjani, futhi ngethemba ukuthi kuzoqondiswa lokho.”
UMasha kuvela ukuthi isaphenywa indaba yakhe kwiSundowns kodwa awekho amathuba okuthi uzobuyela emisebenzini wakhe kusekhona uCardoso.
Ngasohlangothini lweMC Alger, kumele iwunqobe lo mdlalo ukuze idlulele kuma-quaretfinal kwiChampions League.
UMokwena ukubeke kwacaca ukuthi abezele ukuvakasha eNingizimu Afrika, kodwa bafuna ukubuya namaphuzu amathathu.

