CAF Champions LeagueEzakamuva

UCassius Mailula uveza ubuhlungu abuzwa behlulwa yiWydad

By Sbongs Gumbi

Isithombe sikaCassius Mailula ekhihla esikaNandi besiveza bonke ubuhlungu obabuzwiwa abadlali beMamelodi Sundowns kulandela ukukhishwa kwayo kwiCaf Champions League. 

Uthi kumthathe isikhathi ukuti amukele ukuthi ngampela ngeke besayiqukula le ndebe abebebhekwe kangaka kuyo.

ISudowns ikhishwe yiWydad Casablanca kulo mqhudelwano kulandela ukudlala ngokulingana ngo 2-2. IWydad yawina ngamagoli asekuhambeni. 

UCassius Mailula uthi yena wayengazi ukuthi kanti lo mthetho wamagoli asekuhambeni usekhona futhi wayezitshela ukuthi kuzoyiwa esikhathini esengeziwe. 

Ukuveze lokhu ngesikhathi enengxoxo noRobert Marawa kuleli viki, echaza nokuthi yini emsize ukudlulisa lesi simo. 

“Ngaphatheka kabi kakhulu. Phela lento yinto engayifuna kudala (ukunqoba iChampions League). Yiphupho lami elidala,” usho kanje. 

“Bengingakujabulela ukudlala kowamanqamu ngesizini yami yokuqala ngiseqenjini elikhulu… Nokuqukula indebe noThemba Zwane, uMshishi ngoba ngenye yezinto engazisho ukuthi ngifisa ukuzizuza empilweni. 

“Kodwa ke akukapheli. Ngicabanga ukuthi ngifunde lukhulu kulo mqhudelwano. Kwaba wusuku lokuthi umuntu adlule ezintweni ezinjena ukuze afunde. 

“Angicabangi ukuthi ngalahlekelwa wokuthile kulowa mdlalo. Ngicabanga ukuthi ngazuza amava abaluleke kakhulu. 

“Ukudlula kulobuya buhlungu… Kwakubuhlungu kakhulu futhi kwangithatha isikhashana ukuthola ukuthi siyaphuma. 

“Kathi noma sekukhale impempe yokuphela komdlalo, ngazitshela ukuthi sisazoya esikhathi esengeziwe la ngangazi ukuthi ngeke besalunga. 

“Kodwa khona owangitshela ukuthi kusebenza amagoli asekuhambeni. Yingakho ngaphatheka kabi kangakayana nje. 

FUNDA NALA: Ushwabulele uMpengesi ngokumxosha uLehlohonolo Seema

UCassius Mailula uthi kwamthatha isikhathi nokuthi akudlulise lokhu okwenzeka eLoftus Versfeld futhi usizwe umqeqeshi uRulani Mokwena nonina ukukwamukela. 

“Kwathatha amahora angu-48 ukwamukela. Kwasiza umama nomqeqeshi abangehlisisa umoya. Yilapho engaqala khona ukwamukela ukuthi izinto ezinjena ziyenzeka.”