ISharks iwuqale ngebatha u-2025 kwiChampions Cup
NTOBEKO MZIMELA
I-Hollywoodbets Sharks iqale u-2025 ngegiya eliphansi kulandela ukubhuquziswa yizinkunzi zaseFrance iStade de Tollouse ngo 20-8, emdlalweni we-Investec Champions Cup, eKings Park Stadium ngoMgqibelo.
Osokhaya baye kulo mdlalo bevele bexhugela ngenxa yokungabi khona kwabadlali abahlanu abanohlonze, nabajwayele ukuqala imidlalo
Lokhu kucace zisuka nje ngoba izitha bezicindezela, zasheshe zalala emgqeni kungakapheli ngisho imizuzu eyishumi umdlalo uqalile.
Kuyiwe ekhefini iqembu lakuleli Liza ngemuva ngo 10-3. Bekugqame kakhulu u-Antone Du Pont no-Emmanuel Moufoe, ogcine eqokwe njengomdlali ovelele
Ngemuva komdlalo uJohn Plumtree ongumqeqeshi weSharks uthe: “Besidlala neqembu elihlelekile zindawo zonke. Baqale ngokusifaka ingcindezi zisuka nje, bakwazi ukuqhubeka nayo.
“Bebengcono kunathi ekubambeni ibhola. Sizamile ukulungisa lokhu kodwa esikwenzile umdlalo wonke akwanelanga.”
UPlumtree uphinde wakhala ngokulahlekekwa abadlali masonto wonke, ngenxa yokulimala. Nayizolo kubonakale uMakazole Mapimpi noJordan Hendrikse bephuma enkundleni ngenxa yokulimala.
Emdlalweni olandelayo iSharks izobhekana ne-Union Bordeaux-Begles, eStade Chaban-Delmas, ngeSonto ngo-3 ntambama.