OweDowns ubona umqansa kwiDortmund kodwa akanavalo
SIHLE NGUBO
Ulindele umdlalo onzima kwiBorrusia Dortmund umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uDivine Lunga, njengoba beyibambe kwiClubs World Cup ese-USA.
Abafana Ba’Style bayiqale kahle kakhulu imidlalo yeClubs World Cup njengoba beshaye i-Ulsan HD ngo 1-0 ngoLwesithathu ekuseni.
Igoli eliweze iSundowns ngelibanzi libekwe phakathi u-Iqraam Rayners ogcine eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
Ukunqoba kweSundowns kuyibeka ebuhleni ukuthi idlulele phambili noma ingadlala ngokulingana emidlalweni emibili esele kuGroup F.
ULunga uthe baye emdlalweni wokuqala besizimisele kakhulu ngoba bebefuna ukunqoba.
“Sijabule kakhulu ngokunqoba (izolo). Ngicabanga ukuthi sizinikele ngakho konke,” kusho uLunga odabuka eZimbabwe.
“Silwile ukunqoba umdlalo yingakho nje sigcine siphumelele.”
ULunga uthe bazinikile isikhathi sokuthola ukuthi i-Ulsan HD idlala kanjani.
“Besilindele ukuthi badlale ngendlela abadlale ngayo ngoba siyibhekile imidlalo abayidlale ngaphambi kokubhekana nathi,” kuqhuba uLunga.
“Ngicabanga ukuthi senze kahle kakhulu, besikwazi ukusheshe sibafunde uma beshintsha amagiye.”
Lo mdlali wazi kahle ukuthi iDortmund egijima kwiBundesliga eGermany, iyiqembu elinzima kakhulu.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi iDortmund ikwazi ukwenza ini. Abalona iqembu elincane, bakhulu kakhulu.
“Nokho nathi singabukeka sibancane uma siqhathiniswa kodwa lapho sivela khona bayazi ukuthi iMamelodi Sundowns ingobani.
“Ngike ngafunda okuthile umqeqeshi wabo ekhuluma ngathi…kuzoba umdlalo onzima kakhulu.”
Umdlalo useCincinnati ngoMgqibelo ngo- 6 ntambama ngokwesikhathi sakuleli.
IDortmund iya kulo mdlalo iphuma ekubambaneni neFluminense, yaseBrazil, ngo 0-0 emdlalweni wokuvula.

