EzakamuvaIbhola

ICape Town City ingase ingabuyeli kwiBetway Premiership

SIHLE NGUBO

ICape Town City ingazithola ingabuyi emidlalweni yokuhlunga yePremier Soccer League (PSL) njengoba ihluleka ukunqoba emidlalweni emibili esiyidlalile.

Empeleni alikho iqembu elisanqobe umdlalo phakathi kweCityzens, yi-Orbit College neCasric Stars, selokhu iqalile imidlalo yokuhlunga ngeledlule.

Le midlalo ivulwe yi-Orbit College neCasric Stars ababambane ngo 0-0.

Kube sekulandela umdlalo weCity ne-Orbit College nawo ophele ngo 0-0, kwacaca ukuthi ayindlala amagoli kule midlalo.

NgoLwesithathu agcine eqhamukile amagoli ngesikhathi iCityzens neCasric Stars bebambana ngo 1-1.

Kulo mdlalo iCity ibihamba phambili ngo 1-0 kodwa yadedela igoli ngomzuzu ka-90+7.

Lokhu kushiya womathathu amaqembu ebambene ngamaphuzu amabili kwilogi.

NgoMgqibelo kuzotholana phezulu iCasric Star ne-Orbit College, kanti uma kukhona iqembu elinqobayo lapho ingcindezi izobuyela kwiCity.

Lokho kuzobe sekuchaza ukuthi iCity kumele inqobe nakanjani ekuhambeni uma isibhekene ne-Orbit College, kungenjalo azoncipha amathuba ayo okubuyela kwiBetway Premiership.

Leli qembu laseKapa bekumele lizame ukunqoba imidlalo yasekhaya bese lidlale ngokulingana kweyasekuhambeni, ukuze lingazitholi lehlela kwiMotsepe Foundation Championship.

Okwamanje lisahlulekile ukwenza lokho nokuvulela ithuba iCasric Stars ne-Orbit College abasuka kwiChampionship.

ICity akuyihambelanga kahle ngesizini edlule kwiPremiership yaze yaxosha umqeqeshi u-Eric Tinkler, okuvalwe isizini esecija iSekhukhune United.

Uma leli qembu laseKapa ligcina ngokushona phansi kuzosala iStellenbosch FC kuphela kwiPremiership emaqenjini aqhamuka eWestern Cape.