Umqeqeshi weDowns uphawula ngamaphutha ngaphambi kokubhekana neFlu
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uphawula ngamaphutha abadlali bakhe abawenze beshaywa yiBorussia Dortmund ngo 4-3 emdlalweni kaGroup F, kwiClub World Cup, ngoMgqibelo.
Abafana Ba’Style badlale ibhola elisezingeni eliphezulu kakhulu kulo mdlalo, bekhombisa iqembu laseGermany ukuthi kungani bebizwa ngamaBrazilian eNingizimu Afrika.
ISundowns iyona eshaye igoli kuqala kulo mdlalo nelize noLucas Ribeiro. Ngaleso sikhathi ibingenazo izimpendulo iDortmund.
Kuthe kusahamba kahle konke kucaca ukuthi ezikaCardoso zizolibeka phakathi igoli lesibili, unozinti weDowns uRonwen Williams wenza iphutha elikhulu.
Uvele waphasela ibhola umdlali weDortmund ongananazanga waliqabulisa inethi.
UTeboho Mokoena naye wenze elakhe iphutha bemthathela ibhola endaweni eyingozi lagcina likhale phakathi, yabuya kanjalo iDortmund.
Kukho konke lokhu uCardoso uthe uyaziqhenya kakhulu ngeqembu lakhe yize begcine bengawunqobanga umdlalo.
“Ngike ngasho phambilini ngathi size lapha ukuzoncintisana. Yilokho esikukhombisile namuhla,” kusho uCardoso.
“Kumele sihloniphe konke okwenzekayo emdlalweni, sihloniphe wonke amaqembu esibhekana nawo.
“Ngicabanga ukuthi namuhla sithole ukuhlonishwa kubantu abaningi emhlabeni…
“…yinto enhle leyo. Kuchaza ukuthi sisemgudwini okahle, nakanjani sisemgudwini okahle. Kumele siqhubeke nokulwa kanje.”
UCardoso uthe ubengeke avele alwe nabadlali bakhe ngokwenza amaphutha ngesikhathi ekhuluma nabo besekhefini, kodwa ubesekile.
“Isizini yonke sidlala asizange senze nelilodwa iphutha. Namuhla senze amaphutha amabili sizama ukudlala sisuka emuva,” kusho uCardoso.
“Ucabanga ukuthi ngingagxeka abadlali nami ngalokho sidlala ezingeni eliphezulu kangaka?
“Ibhola umdlalo wamaphutha nami ngiyawenza amaphutha. Ngibeseke kakhulu nje.
“Konke engikukhulumile (ngesikhathi sekhefu) bekungukweseka abadlali bami.
“Ngingamgxeka kanjani umdlali ofana noTeboho (Mokoena) ohlale enza kahle kodwa ngenxa yengcindezi kwaba nephutha.
“Ngibesekile kakhulu abafana. Ngiyabacija bese ngibeseke.”
Komunye umdlalo kaGroup F ngoMgqibelo iFluminemse ishaye i-Ulsan HD ngo 4-2, nokuchaza ukuthi leli qembu seliphumile kulo mqhudelwano.
I-Fluminense yaseBrazil iyona esesicongweni ngamaphuzu amane, kanti neDortmund inamane endaweni yesibili.
ISundowns inamaphuzu amathathu nokuchaza ukuthi kumele inqobe nakanjani uma isibhekene neFluminense ngoLwesithathu, ukuze idlulele esigabeni esilandelayo.

