EzakamuvaIBetway Premiership

I-Arrows ibe yiqembu lokuqala lePremiership ‘ukushiphelana’ nomqeqeshi

SIHLE NGUBO

ILamontville Golden Arrows seyibe yiqembu lokuqala elidlala kwiBetway Premiership, ukuhlukana nomqeqeshi kusadlalwe umdlalo owodwa qhwaba wesizini ka-2026/2027.

Bekusaphele izinsuku ezimbalwa leli qembu laseThekwini lifake into elumelayo ekhasini lalo leFacebook, njengoba sekuvela ukuthi seligqabukile igoda phakathi kwalo nobeyiphini lomqeqeshi, uJames Madidilane.

I-Arrows ixolisile kwiChiefs ngokugudla umdlali wayo, uLuke Baartman, ngamagama acwasayo ngoMsombuluko.

Nokho abalandeli bese bevele becikekile yilesi senzo, futhi abanye sebephumele obala ngokuthi bazophuma baphele kuleli khasi.

Ezakamuva zithi uMadidilane, owake wadlalela iqembu lesizwe lakuleli le-Under 23, useshiyile kuleli qembu laseThekwini, kusaphele izinsuku ezingu-44 kuphela elijoyinile.

Kuvela ukuthi ukhona osevale isikhala sikaMadidilane kwi-Arrows, eqeqeshwa uPitso Dladla.

Nokho Abafana Bes’thende bebengakasikhiphi isitatimende esiqondile mayelana nakho konke lokhu.

Kwenzeka lokhu nje i-Arrows ilungiselela ukubhekana neKaizer Chiefs emdlalweni we-quarterfinal yeMTN8, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.

Leli qembu lingelinye lamaqembu amathathu aKwaZulu-Natal azoyibamba kulo mqhudelwano nonyaka.

I-Durban City izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni wokuqala weMTN8, e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

IBucs iyona evikela le ndebe yeMTN8 esiyithathe kathathu amasizini elandelana.

AmaZulu FC azokwamukela iSekhukhune United, eChatsworth Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Komunye umdlalo weMTN8 ompetha beCAF Champions League, iMamelodi Sundowns, bazotholana phezulu nePolokwane City, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Amathikithi emidlalo yama-quarterfinal yeMTN8 aqalile ukudayisa ngoMsombuluko, kanti abiza u-R100 lilinye.