EzakamuvaIBanyana Banyana

IBanyana Banyana izobhekana neMorocco kwi-quarterfinal yeWAFCON

 

SIHLE NGUBO

IBanyana Banyana izobhekana nosokhaya iMorocco kwi-quarterfinal ye-Women’s Africa Cup of Nations (WAFCON), eRabat, ngoMgqibelo, kulandela ukudlulela phambili ngengcacamezela kulo mqhudelwano.

Iqembu lesizwe lakuleli lishaye iBurkina Faso ngo 1-0 emdlalweni wokugcina kweyamaqoqo, obekumele liwunqobe nakanjani ukuze lidlulele phambili.

Kusizile nokuthi i-Ivory Coast ishaye iTanzani ngo 2-1 komunye umdlalo kaGroup B.

Ukube lo mdlalo uphele zibambene ngabe iqembu likaDesree Ellis kudingeke ukuthi liqoqe imithwalo yalo libuyele eNingizimu Afrika.

Igoli enqobe ngalo iBanyana Banyana libekwe enethini uThembi Kgatlana, obeseshaya igoli lakhe lesibili kulo mqhudelwano.

Elinye igoli ulishaye ngesikhathi iBanyana Banyana ibambana ne-Ivory Coast ngo 2-2 emdlalweni wesibili wamaqoqo.

Kulo mdlalo iqembu lakuleli like lalandela ngemuva ngo 2-0 nokulisize kakhulu ukuthi libuye ligcine lithole iphuzu.

INingizimu Afrika iyiqale ngebatha imidlalo yeWAFCON imangazwa yiTanzania eyithele othulini ngo 2-1.

Ngemuva kwalokho kube sekugqama isiphithiphithi esidaleke ngesikhathi umdlali wasemuva weBanyana Banyana, uBambanani Mbane, ‘ethukana’ nabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.

I-South African Football Association (SAFA) ingenelele kulolu daba, yaxolisa, yaphinde yayalela uMbane ukuthi azehlise axolise kubalandeli, nokuyinto ayenzile lo mdlali.

Imidlalo yama-quarterfinal izoqala ngoMgqibelo, kanti i-Ivory Coast izobhekana ne-Algeria, eqede endaweni yesibili kuGroup A.

IMorocco, ezobhekana neNingizimu Afrika, ibukeka iyingozi kakhulu kulokhu njengoba iqede eqhulwini ngamaphuzu ayisikhombisa kuGroup A.

Ngakolunye uhlangothi iBanyana Banyana ayihlangene ngendlela eyaziwa ngayo, selokhu uqalile lo mqhudelwano.

Amazwe amane azodlala kweyandulela owamanqamu we-WAFCON azozibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseBrazil.