URiveiro ujabulele uSaleng noLebitso bephoxa iChiefs
Kube abadlali abathuse abaningi uma bebonakala eqenjini eliqala umdlalo abasize i-Orlando Pirates iphoxa iKaizer Chiefs ngoMgqibelo.
Ukuqaliswa kukaMonnapule Saleng noThabiso Lebitso kulo mdlalo ongomkhulukazi ebholeni lakuleli akuyona into ebilindelwe.
Kodwa ke kube yisinqumo esimsizile uJose Roveiro njengoba laba badlali bemnqobele lo mdlalo.
IPirates inqobe ngo 3-2 kulo mdlalo obuseFNB Stadium, kanti uRiveiro ubajabulele laba badlali.
“Bobabili babe nomdlalo omuhle kakhulu namuhla, bashaya namagoli,” kusho uRiveiro obekhombisa injabulo ngemuva komdlalo.
“Bazifake emabhukwini omlando. Ngibajabulelebobabili ngezizathu ezehlukene.
“UThabiso useenze kanzima ukuzibonakalisa ukuthi ukufanele ukudlala kwiPirates.
“USaleng wena konke okufanele ukuze aphine abe yilowa Saleng (wangesizini edlule) futhi kubukeka sengathi uyabuya impela.
IPirates ibuye seyilandela ngemuva kwaze kwaba kabili kulo mdlalo obusezingeni eliphezulu nokhombise ukuthi yidabhi.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu wesithupha ngonyawo luka-Ashley Du Preez osebenzise ukuzumeka kwezitobha zeBucs.
Ugudle noThabiso Lebitso obewuqala okokuqala umdlalo kusukela afika kwiPirates, waze wangena naye ebhokisini qede walinamathisela enethini.
Kube sengathi uzobhabhadiswa ngomlilo uLebitso njengoba beyimxina iChiefs uthi kungathi iyamhlula.
IPirates ihlole elokulinganisa elishaywe uMonnapule Saleng. Ubuyile kodwa uDu Preez ngaphambi kwekhefu, wayibeka phambili futhi iChiefs.
ULebitso uligezile igama lakhe esiwombeni sesibili njengoba ebeseyivimba iChiefs, ingasaqhumi ngakuye.
Uzifake ezinhliziyweni zabalandeli bePirates ngesikhathi eshaya igoli lokulinganisa.
Akubanga nje yigoli, kodwa kube yinguzunga yeshodi ayidedele engaphandle kwebhokisi, lamudla akangakholwa uBruce Bvuma.
FUNDA NALA: UNcikazi uveza okuzosiza iPirates ishaye iChiefs
Kube sekubuya uSaleng waqedela umsebenzi eshaya elakhe lesibili, nelesithathu lePirates ukuze iqoqe amaphuzu agcwele.

