EzakamuvaIBetway Premiership

OweDowns usephinde imikhuba ayeyenza kwiPirates – uyagoloza

SIHLE NGUBO

Umdlali weMamelodi Sundowns, uMonnapule Saleng, usephinde lokho ayekwenza esadlalale i-Orlando Pirates – ukuduba iqembu angezi ejimini.

Ezivela eChloorkop zithi uSaleng usephule imithetho yeqembu kaningi, futhi ukhombisa ukuba nekhanda eliluhlaza.

Lo mdlali uke wahlala izinyanga ezicisho zifinyelele kweziyisithupha engadlali kwiPirates ngesizini ka-2024/2025.

Bekungacaci ukuthi yini ebangwayo phakathi kukaSaleng nePirates, nalo iqembu alikaze liphumele obala ngalokhu.

Kugcine ngokuthi uSaleng abolekiswe kwi-Orbit College ebisanda kufika kwiBetway Premiership.

Lo mdlali kuthuke abaningi kuvela ukuthi usesayine kwiSundowns, ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari nonyaka.

Nokho kuyavela ukuthi sezisukile ezinye izinkinga futhi uSaleng akasalubhadi ejimini.

Lo mdlali ubefakiwe esikwatini seSundowns ebisiyodlala umlenze wesibili kowamanqamu weCAF Champions League kodwa wangafika.

“Watshela umqeqeshi ukuthi yena akayi lapho (eMorocco),” kusho umthombo weMpempe.

Akugcinanga lapho lo mdlali njengoba ephinde wenqaba ukuhamba neqembu ukuyolungiselela isizini entsha e-Austria.

Njengamanje kuvela ukuthi iSundowns seyimsusile eqenjini elikhulu, yathi akaziqeqeshe yedwa.

Ukwephula imithetho yeqembu nokususwa eqenjini elikhulu kukaSaleng, kuqinisekiswe umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso.

Abafana Ba’Style badlulele kweyandulela owamanqamu weMTN8 ngemuva kushaya iPolokwane City ngo 3-2 esikhathini esengeziwe, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo.

Umdlalo ubuphele ngo 2-2 emizuzwini engu-90, iSundowns yashaya esikhathini esengeziwe. Omunye umdlalo oye esikhathini esengeziwe obuphakathi kwe-Orlando Pirates neDurban City.

Lo mdlalo obuse-Orlando Amstel Arena, uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-90, iBucs yashaya igoli emzuzwini wokugcina ngci esikhathini esengeziwe.

NgeSonto kuzotholana phezulu AmaZulu FC neSekhukhune United, emdlalweni we-quarterfinal yeMTN8, eChatsworth Stadium, ngo-3 ntambama.

Emdlalweni wokugcina kuzohlangana iKaizer Chiefs neLamontville Golden Arrows, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.

Amaqembu azodlala kweyandulela owamanqamu weMTN8 azoqhathwa ngemuva kwalo mdlalo.