Umqeqeshi wePirates ufuna bavuke emaqandeni abadlali bakhe
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdislam Ouaddou, uthi abadlali bakhe kumele baphaphame ngoba njengoba isizini seyiqalile, kuhanjwa kubhekwe phambili.
Usho lokhu ngemuva kokuthi iPirates ibambane naMaZulu FC ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, eKings Park Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.
Kulo mdlalo iBucs yakhe inqwaba yamathuba, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili, kodwa yagcina ihlulekile ukushaya igoli lokuwina.
Womabili amagoli angene ngesiwombe wokuqala, kanti Usuthu lucisho lwaya ekhefini luhamba phambili ngo 2-1 ukube aliphikwanga igoli elilishayile.
Igoli lePirates lishaywe uTshepang Moremi ngomzuzu wesikhombisa, kwathi elaMaZulu kwaba yiphenathi ebekwe enethini uThandolwenkosi Ngwenya ngomzuzu ka-45.
Umdlali othole amathuba amaningi okushaya amagoli, uYonela Mbuthuma, kodwa inhlanhla yangavuma.
UMbuthuma, owayedlalela iRichards Bay, uhlale ezithola esendaweni ekahle yokushaya amagoli kodwa isikhathi esiningi uyawageja.
U-Ouaddou uthe akanaso isikhathi sokulinda abadlali bePirates, kumele baphaphame.
“Ukukhuluma iqiniso ngiyalithanda iqembu lami. Nakanjani ngizothi sifanelwe okungcono uma ubuka amathuba esiwakhe ngesiwombe sesibili, angifuni ukukhuluma ngesiwombe sokuqala.
“USipho Chain noNkosinathi Sibisi kumele ngibancome ngokuthi bebedlala kwiNdebe yoMhlaba, namanje basaqhubeka bayadlala,” kusho u-Ouaddou kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Uyabona abanye (abadlali) kumele bavuke ngoba anginaso isikhathi. Kufanele bavuke ngempela ngoba manje kuyaphuthuma.
“Ngijabulile ngabadlali abangene ngesiwombe sesibili. Nokho abadlali abadlale ngesiwombe sokuqala badinga ukuthi bavuke ngoba mina anginaso isikhathi sokulinda.”
I-Pirates kuzofanele ivuke izithathe uma seyitholana phezulu neChippa United, eKings Park Stadium, eThekwini, ngeSonto.
IChilli Boys ibambane neRichards Bay ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.

