Owayedlala kwiChiefs ecaleni elibi lokugembula
Ubevele enkantolo e-Australia uKearyn Baccus owake wadlala kwiKaizer Chiefs, ebhekene nezinsolo zokuthola amakhadi aphuzi ngenhloso ukusiza abagembulayo.
Lolu hlobo lwecala lubizwa nge-spot-fixing ngesiNgisi ngathi kusuke kuyilapho kubhejwe ngokuthi umdlali othile uzokwenza okuthile ngesikhathi esithile.
Yena ke usolwa ngokuthi ubengene kulokhu kokuthola amakhadi aphuzi ngezikhathi ezithile njengoba esedlala kwi-A League e-Australia.
UBaccus, oneminyaka engu-32, ungowokuzalwa eThekwini kodwa ukhulele e-Australia la abazali bakhe bathuthela khona esemncane.
Kusolwa ukuthi wakhokhelwa ukaputeni weqembuadlala kulp u-Ulises Davila ukuze athole amakhadi aphuzi emidlalweni eyadlalwa ngasekupheleni konyaka odlule.
Uvele enkantolo yaseSydney noClayton Lewis waseNew Zealand ngemuva kokuboshwa kwalaba abathathu ngenyanga edlule.
Kuyicala elifanayo nelivulwe yiPremier League e-England elibhekene noLucas Paqueta weWest Ham United.
Uma uPaqueta etholwa enecala engazithola egwetshwa iminyaka eyishumi ebhadla ejele. Lo mdlali waseBrazil umile kwelokuthi umsulwa.
Njengamanje uBaccus udlalela iqembu le-A-League iMacarthur FC kanti kusolakala ukuthi uthole amakhadi aphuzi ngamabomu ukuze asize abadlali abangadalulwanga amagama bawine kwabakubhejile.
Icala lakhe lihlehliselwe uJuni 24. UBaccus uchithe amasizini amathathu kwiKaizer Chiefs phakathi kuka-2019 no-2022, wadlala imidlalo engu-58.
Uthole amakhadi aphuzi ayisithupha kuphela ngesikhathi ehlala eNaturena.
FUNDA NALA: Imenenja iveza okusha ngowoSuthu ohalelwa yiPirates
Nokho, kula masizini amabili awachithe kwiMacarthur, uthole amakhadi aphuzi angu-17 nabomvu.