IBetway Premiership

EZimnyama zivale igebe kwiDowns zinqoba iRise and Shine 

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates ivale igebe laba amaphuzu angu-12 phakathi kwayo neMamelodi Sundowns kulandela ukushaya iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

EZimnyama bezidinga ukunqoba lo mdlalo ukuze zingasali kakhulu kompetha beligi abazama ukunqoba isicoco okwesishiyagalombili kulandelana.

I-Pirates isasalele emuva ngemidlalo emithathu kulo mbango wePremiership ozogoqwa ngenyanga ezayo.

Ukunqoba yonke imidlalo emithathu esemuva ngayo iBucs, kuzokwenza igebe lamaphuzu phakathi kwayo neSundowns libe amaphuzu amane.

Isiwombe sokuqala sigqame ngomdlalo osheshayo kungekho iqembu ebelifuna ukuzithela ngabandayo.

Womabili amaqembu awatholile amathuba okushaya amagoli kodwa onozinti bathi phinde, baphebeza kwasani.

Isivinini somdlalo asizange sehle kwaze kwaba ziya ekhefini kungu 0-0. Bekungacaci ukuthi iyiphi ebizogcina igobe uphondo.

Nangesiwombe sesibili kuqalwe kuyisimo esifanayo zihlaselana. Nokho bekuyiPirates ebeyifika emzini wePolokwane kuvalwe amehlo.

Okuhlalukile kodwa ukuthi eZimnyama bezingakhahleli ngendlela efanele uma zifika phambili.

Ngomzuzu ka-67 ligcine libhobokile ithumba ukaputeni uNkosinathi Sibisi eshaya igoli, ngemuva kokuqedela ifree kick kaRelebohile Mofekeng.

Bese kuyigoli lakhe lesibili leli uSibisi emidlalweni yePremieship kule sizini. Lo mdlali wasemuva ubukeka ezolintshontsha ibhande likakaputeni kwiBucs.

U-Innocent Maela okunguyena ukaputeni, akabonwa ngisho ebhentshini. UTapelo Xoki oke aligqoke ibhande akasavamisile ukuqala imidlalo njengoba ebesebhentshini kulo mdlalo.

Ugcine engenile uXoki ngesiwombe sesibili walithatha ibhande. Umqeqeshi ubesefuna ukuvala kwasani njengoba efake noGoodman Mosele endaweni kaMakhehleni Makhaula.

I-Rise and Shine izamile ukubuya kodwa kwasho ukuthi ezikaJose Riveiro bese ziwagqolozele ngabomvu amaphuzu amathathu. Nokho bese kuvalwa amehlo emizuzwini yokugcina.

ISundowns ayidlali kule mpelasonto njengoba umdlalo obekumele iwudlale neStellenbosch FC uhlehlisiwe.

Kwenziwe lokhu ngoba Abafana Ba’Style baya eTunisia ukuyodlala umlenze wesebili weCAF Champions League ne-ES Tunis. Umlenze wokuqala, lapho kumuhluzane abalandeli eLoftus Stadium, uphele ngo 1-0 kunqoba iqembu lasekhaya.