URiveiro ngeke esayiqedela inkontileka yakhe neBucs
SIHLE NGUBO
UJose Riveiro kuzobe kungokokugcina ehlezi ebhentshini uma i-Orlando Pirates seyibhekene neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Lokhu kuqinisekiswe usihlalo weqembu u-Irvin Khoza esitatimendeni esikhishwe kwi-website yeBucs ngoMsombuluko.
Lo mqeqeshi waseSpain bese kwaziwa ukuthi uyahamba vele kodwa bekulindeleke ukuthi aqede isizini neBucs.
IPirates ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, ngempelasonto.
Iqembu selimkhulile kwinkontileka yakhe uRiveiro, obekufanele iphele ngoJuni nonyaka.
“UJose uze kithina emasontweni edlule ecela ukuthi simkhulule kwinkontileka yakhe ngaphambi kwesikhathi, njengoba esesayine neqembu elisha,” kuqinisekisa uKhoza.
“Sithe uma sibukisisa, njengoba besinemidlalo eminingi ebalulekile, sabona ukuthi kuhle singakuvezi lokhu kuze kudlule owamanqamu weNedbank Cup.
“Akwenzele iqembu selokhu afika yinto enkulu kakhulu. Sifunde lukhulu kuyena naye ufunde lukhulu kithina.
“Yize besifuna ukumvalelisa kahle kodwa siyasihlonipha isinqumo sakhe sokuhamba ngaphambi kokuphela ngokusemthethweni kwesikhathi sakhe.”
Lo mqeqeshi uhamba nje izinhliziyo zabalandeli bamaBhakabhaka zibuhlungu, ngenxa yomsebenzi omuhle awenzele iqembu.
“Ngithanda ukubonga i-Orlando Pirates ngokunginika ithuba lokuhamba ngaphambi kokuphela kwenkontileka yami,” kusho uRiveiro.
“Njengomuntu ohlale ekuthola kunzima ukuvalelisa, lesi yisikhathi esinzima kakhulu kimina.
“Ngibonga kakhulu kuwona wonke umuntu kwi-Orlando Pirates. Kusuka kubaphathi beqembu, yithimba labaqeqeshi, abadlali nabanye abantu abangekho phambili eqenjini.
“Kubadlali ngiyabonga kakhulu ukukholelwa kulolu hambo esiluhambe ndawonye, nokuzinikela ngakho konke enkundleni.
“Kubalandeli, ngesikhathi ngifika okokuqala nganifakela inselelo yokuthi niphume ngobuningi ukuzokweseka iqembu.
“Nakwenza lokho, nangaphezulu. Nenza umdlalo ngamunye waba umuzwa esihlale siwukhumbula, futhi ukuzinikela kwenu yinto eyohlala ikimina.
“Ngiyabonga ukuthi ningivumele ngibe yingxenye yaleli qembu elikhulu kangaka.”
Emdlalweni wokuvala isizini iPirates izobhekana naMaZulu FC, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Uyobe engasabonwa lo mqeqeshi waseSpain abalandeli beBucs abebemuzwa ngaphakathi.
Kunemibiko ekhomba lo mqeqeshi kwi-Al Ahly yase-Egypt. Nokho eminye imibiko ithi i-Al Ahly seyivumelene noJose Gomes, obeqeqesha eSaudi Arabia.

