Uphume ngebheyili ka-R20 000 oweSekhukhune obhekene necala elibi
SIHLE NGUBO
Uphume ngebheyili ka-R20 000 umdlali weSekhukhune United, uShaune Mogaila, obhekene necala lokubulala ngokungenhloso ngemuva kwengozi lapho kushone ingane eneminyaka eyisishiyalolunye, eTembisa, ngoLwesithathu.
Lo mdlali ubevele kafushane enkantolo iRabie Ridge Regional Court, eTembisa, eGoli, ngoLwesihlanu.
Ingane ishonele esigamekweni lapho kusolwa ukuthi imoto yalo mdlali ishayisane nenye imoto ngabo-7.30 ekuseni ngoLwesithathu.
Umdlali uphume wabalakela. Amaphoyisa kuthiwa athole amabhodlela otshwala nezidakamizwa emotweni yakhe.
Kuvele ukuthi uMogaila ubuye wazinekela emaphoyiseni ngoLwesithathu ntambama, ngemuva kokuthi amaphoyisa ethinte iqembu lakhe iSekhukhune.
“ISekhukhune United ithole izindaba ezimbi ezithinta omunye wabadlali bethu uShaune Mogaila,” kusho isitatimende esithunyelwe yiqembu ngoLwesine.
“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wengane eshonile. Imicabango yethu inalabo abalimele, sibafisela ukwelulama ngokushesha.
Lo mdlali uwuqalile umdlalo ngesikhathi iSekhukhune ibhekene neRichards Bay FC koweBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ebusuku. Kulo mdlalo iSekhukhune inqobe ngo 2-0.
Kubukeka sengathi usuke kulo mdlalo wayogruva kwaze kwasa njengoba enze ingozi ngosuku olulandelayo ekuseni.