EzakamuvaIBetway Premiership

ULilepo weChiefs useyiphinda okwesibili ngonyazi lwegoli iGallants

SIHLE NGUBO

Kungenzeka ukuthi umdlali weKaizer Chiefs, uGlody Lilepo, ushaye igoli elizowaqwaqwada wonke kule sizini, emdlalweni weBetway Premiership, eDr Molemela Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlali udedele isikwibhisi segoli ekulayini, ngesikhathi iChiefs ishaya iMarumo Gallants ngo 1-0 kulo mdlalo weligi.

Unozinti weGallants, uWashington Arubi, nabanye abadlali beChiefs, basale benkemile, bebambe amakhanda, eselibeke phakathi kungalindelwe uLilepo waseDemocratic Republic of Congo (DRC).

Kubukeke sengathi inhloso yalo mdlali bekuwukugoba ibhola alifake ebhoksini, kodwa ekugcineni kuphume ubisi lwegoli.

ULilepo akaqali ukugila iGallants. Ngesizini edlule ushaye imbumbulu yegoli iChiefs ibhekene nalo leli qembu laseBloemfontein.

Ukunqoba kweKaizer Chiefs kuyinyusele endaweni yesibili kwilogi yePremiership, nokwenza isale ngamaphuzu amabili kuphela kwiMamelodi Sundowns, ezihola phambili.

Ngesizini edlule leli qembu laseNaturena likuthole kunzima ukufinyelela emaphuzwini angu-30, nokwenze lahluleka ukuzibekisela indawo kwiTop 8.

Nokho kulokhu Amakhosi asevele awahlanganisile amaphuzu angu-30, ngemuva kwemidlalo engu-15.

Lokhu kukhombisa ukwenza kangcono kuleli qembu elibukeka lizofaka ukushisa kwiBetway Premiership, iCAF Confederation Cup neNedbank Cup, elingompetha bayo.

Selokhu kuqale u-2026 izinto zibukeka ziyihambela kahle iChiefs njengoba ingayazi induku.

Ivule unyaka ngokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0, emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoJanuwari 20.

Ngemuva kwalokho ilibangise eZambia lapho ifike yashaya iZesco United ngo 1-0 emdlalweni weCAF Confederation Cup, eNdola.

Ukunqoba kwiGallants akungabazeki ukuthi kuzokwenyusa ukuzethemba kuleli qembu laseNaturena, ngaphambi komdlalo weConfederation Cup ngempelasonto.

IChiefs izophinde ibhekane neZesco United emdlalweni weConfederation Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto, ngo-3 ntambama.

Ukunqoba lo mdlalo kuzonyusa amathuba eChiefs okudlulela kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano, ngaphambi kokudlala imidlalo emibili yokugcina yamaqoqo.