EzakamuvaIbhola

Ngiphethe uHalaand uqobo la kuMabasa, kusho uKomphela

Umqeqeshi weMoroka Swallows uSteve Komphela uthi umlande ngoba emazi kahle azomsiza ngakho umgadli uTshegofatso Mabasa. 

Lo mgadli ubolekiswe yi-Orlando Pirates kwiSwallows kanti uyazitamuzela nje emagolini kusukela isizini iqalile. 

Useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni eyisishiyagalombili kwiDStv Premiership. 

Indlela adlala kahle ngayo, kuke kwanesikhathi la kuvele imibiko yokuthi iPirates isemzamweni yokumbuyisa azosiza kuyo. 

Kodwa usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa washeshe wawachitha lawo mahlebezi, wathi bavumelene ngesizini nePirates. 

NoKomphela ke akubonakali engakuthokozela ukuphucwa kwalo mgadli athi ngokwakhe uyafana no-Erling Halaand weMachester City. 

“Okwenzeka ngoMabasa kungammangaza umuntu obengamlandeli. Ungumgadli osezingeni eliphezulu. 

“Unomqondo womgadli, futhi uhlezi eqaphe izikhala ukuze athole igoli,” kusho uKomphela kuleli viki.

“Ngathi uzwa ngephunga ukuthi ibhola lizowelaphi futhi ke lokho yinto oyithola kubadlali abakhethekile kuphela, abadalelwe ukudlala le ndawo ekhethekile. 

“Ngeke ukuyele esikoleni uyokufundela ukwazi ukuthi ibhola lizowelaphi. UHalaanda wazi kanjani ukuthi ibhola lizowelaphi? 

“Wakufundaphi ukuthi athi njalo uzolikhahlela lifika nje kuye ibhola futhi liye la alifuna khona? 

“UMabasa unalelo khono, kodwa ubani obekwazi lokho? Laba abasebenze naye kodwa abamazi ukuthi unaleli khono?”

UKomphela uthe ngokwakhe lo mdlali ngabe uphambili kwababizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

FUNDA NALA: UDladla uqhathe uBig Zulu emizamweni yokuvusa isibhakela eKZN

Kodwa uthe akuyona indawo yakhe ukucelela abadlali beSwallows ukuba bafakwe nabo eqenjini lesizwe.