EzakamuvaIBetway Premiership

Usethelekile eNaturena umqeqeshi omusha weChiefs

SIHLE NGUBO

Usefikile eNaturena umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uFernando da Cruz, njengoba iqembu liqala amalungiselelo esizini entsha ezayo.

Lo mqeqeshi ufika namava kwiChiefs njengoba ebeyiTechnical Director yeRoyal Moroccan Football Federation, kumasizini amabili edlule.

Njengamanje iMorocco seyidlulele esigabeni seLast 16 kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo e-USA, iseCanada naseMexico.

UDa Cruz uthe wesese kakhulu ngomsebenzi azobhekana nawo ngesizini ezayo.

“Ngijabule kakhulu ukuba lapha. Leli qembu belihlezi linendawo ebalulekile enhliziyweni yami, futhi bengibuka ukuthi lenza kanjani kule minyaka emibili edlule,” kusho uDa Cruz kwi-website yeChiefs.

“IKaizer Chiefs isikhungo esikhulu kakhulu, esinabalandeli abasithandayo nomlando onzulu.

“Engizogxila kukona okwamanje ukwakha ubudlelwano nabadlali, ngifake umuzwa wokunqoba kubona, sisebenze ndawonye ukuqinisekisa ukuthi sizuza impumelelo efanelwe abalandeli bethu.

“Uhambo oluphambi kwethu luzodinga ukuthi sisebenze kanzima ngokubambisana, kodwa ngiyethemba ukuthi sizokwenza lokho.”

IChiefs iqede endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership ngesizini edlule.

Ibiqeqeshwa uCedric Kaze noYoussef Ben Khalil, abathathe izintambo ngemuva kokushiya kukaNasreddine Nabi, abebengamaphini akhe.

Njengamanje Amakhosi asededele uHappy Mashiane noGeorge Matlou, asayinisa uThabo Moloisane, osuka kwiStellenbosch FC.

“Sithanda ukwamukela umqeqeshi uDa Cruz kwiKaizer Chiefs,” kusho uKaizer Motaung Jr oyiSporting Director yeChiefs.

“Ukufika kwakhe kusho ukuqala kwesahluko esimnandi eqenjini. Sikubheke ngabomvu ukubona umbono wakhe ungena eqenjini.

“Ukuzinikela okukhona kubadlali kusenza sikholwe ukuthi lobu budlelwano buzosilethela umdlandla omusha nempumelelo njengoba silungiselela isizini entsha.”

UDa Cruz uhlanganile nawo wonke amalungu eqembu ngesikhathi efika eNaturena, futhi ukulungele ukusebenzisana nawo wonke umuntu okhona eqenjini.

IChiefs izoyibamba kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo, kulandela ukuqeda endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.

Amakhosi azophinde adlale kwiMTN8 ngemuva kwamasizini amabili engawudlali lo mqhudelwano, ngenxa yokuqeda ngaphandle kweTop 8.