I-Arrows idlale oweDDC ingenabo abadlali ebhentshini
ZINHLE NGUBANE
ILamontville Golden Arrows idlale umdlalo wayo wokuqala weDStv Diski Challenge (DDC) nomkhaya AmaZulu FC, ngaphandle kwabadlali bokushintsha ebhentshini, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo.
Lokhu kungenxa yokungabi nabadlali abaneminyaka evumelekile njengokusho komthetho weDDC, othi kufanele iqembu ngalinye emdlalweni libe okungenani nabadlali abathathu abangedlule eminyakeni engu-23.
Kumele umdlalo nomdlalo iqembu lilethe amakhadi abadlali abazovela ohlini losuku lomdlalo, ukuze ahlolwe ngaphambi kokuba kuqale umdlalo, kuqinisekiswe ukuthi yibona ngempela nokuthi neminyaka iyavuma, futhi iyahambelana nomthetho.
Abafana Bes’thende baguqiswe Usuthu ngo 2-0 kulo mdlalo. Amagoli avalelwe phakathi uBayanda Thabede no-Andiswa Mbutho.
Ebentshini bekunomqeqeshi waBafana Bes’thende u-Andile Fikizolo, udokotela weqembu, umqeqeshi wonozinti noSandy Hadebe, esimazi kakhulu esebenza eqenjini elikhulu kwi-Arrows, njengeSports Scientist.
Uma umdlali ethinteka ubexilongwa, avuke azithathe ayodlala, ngoba bekungekho ozomshintsha ngenxa yebhentshi ebelicwebile.
Kubonakale ubuso obusha kuleli qembu, njengonozinti uVurinosara Simbarashe, owazakhela igama emidlalweni efana ne-USSA ne-ETA College.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu linabadlali abadedeliwe, okubalwa kubona unozinti obevimba njalo, u-Owami Dlamini, osejoyine iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League, Umvoti FC.
Okubonakele ngemuva komdlalo unozinti walo leli qembu, u-Edward Maova, odlala eqenjini elikhulu, eduduza futhi enikeza iziyalo unozinti wabo ngemuva kokungenelwa amagoli amabili emdlalweni wakhe wokuqala neqembu.
Imizamo yokukhuluma nomqeqeshi we-Arrows ayizange iphumelele, njengoba ubanjwe wayongeniswa egunjini labo lokushintshela.
Ngakolunye uhlangothi umqeqeshi waMaZulu FC, uKurt Lentjies, ukubeke kwacaca ukuthi bafuna abadlali babo bazibone njengabanqobi njalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo yaIesi sigaba bekumele iqale ngoSepthemba 5 kodwa yahlehliswa njengoba ize yaqala ngempelasonto edlule.
Umqeqeshi uthe yize sibona abadlali bakhe beyimiqemane ngokwemizimba, kodwa bona babona ngenye indlela.
Uthe mhlawumbe ngemuva kwemidlalo emihlanu sebengasho ukuthi sebeyimiqemane ngokwanele.
“Sinabadlali abangu-22 eqenjini. Esifisa ukukwenza ukuthi wonke umuntu akwazi ukuthola ithuba lokudlala ukuze bazibonakalise,” kusho uLentjies.
“Okunye sibalungiselela ukuthi bakwazi ukuthola indawo eqenjini elikhulu. Sifisa balekelelane, basebenze nangokuzikhandla.
“Ukubuyela kukaBayanda Thabede eqenjini elincane akusho ukuthi akasakulungele ukudlala kwelikhulu, kepha enye indlela yokuthi athole isikhathi sokudlala esiningi.
“Akusizi ukunyuka kodwa uyohlala, ugcine ngokuzilolonga kuphela. Baningi ababambekile ukuthi bangakwazi ukusiza ezansi uma izinto zingahambi kahle ngoba neminyaka iyabavumela.”

