AmaProteas

AmaProteas kumele alungise eyabashwibi njengoba ebhekene ne-Australia

SIHLE NGUBO

Kuzodingeka kube khona ekwenzayo ngabashwibi bayo iNingizimu Afrika, njengoba ibhekene ne-Australia ochungechungeni lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa kuleli.

INingizimu Afrika ishaye i-Australia ngama-run angu-67 emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa, eKingsmead Stadium, eThekwini, ngoLwesine.

Nokho kuhlalukile ukuthi inenkinga yabashwibi njengoba kulimele uKagiso Rabada, uLungi Ngidi, uKwena Maphaka no-Ottiene Baartman.

I-Australia iyona ewine ithosi, yakhetha ukubhetha kuqala kulo mdlalo obubhekwe ngabomvu eThekwini.

Yize amaProteas engaqalanga kahle kodwa azamile ukubambelela, agcina ebeke u-297 ebhodini kuma-over angu-50.

Kudlale kahle uMatthew Breetzke (112), noMarco Jansen (75), othathe newikhethi, waphinde wanqaka amabhola amabili awushintshe kakhulu umdlalo.

Ziphendula izivakashi zivele zashaya ibhola sengathi zidlala enkundleni ehlukile kunale obekudlala kuyona amaProteas.

Bekubhoke ukaputeni, uMitchel Marsh, ophume esehlanganise ama-run angu-60. Ngemuva kwama-over ayisishiyagalolunye i-Australia ibina-90/0.

Ngaleso sikhathi bebenganayo nhlobo impendulo abashwibi beNingizimu Afrika, uJansen, uGerald Coetzee noCurwin Bosch.

Ukaputeni uTemba Bavumi ushintshile wafaka uKeshav Maharaj, ogcine ethathe amawikhethi amane, noBjorn Fortuin, othathe amabili, nokuyilapho ushintshe khona umdlalo.

UMaharaj noFortuin benze abashwibi beNingizimu Afrika babuyelwa ukuzethemba, sebeyimpintshele ekhoneni i-Australia, ephume yonke ina-230.

Ukunqoba kwamaProteas kusho ukuthi asehamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu.

Umdlalo wesibili useWanderers Stadium, eGoli, ngeSonto ngo-10 ekuseni. AmaProteas azobe egqoke ijezi eli-pink, ukulwisana nomdlavuza.

Kuzobhekwa ukuthi nakulo mdlalo bazoya nabashwibi abahlanu kuphela yini noma bazokwengeza ngoyedwa phakathi kukaDuan Jansen, oyiwele likaMarco, noma uNqobani Mokoena.