Imidlalo yeDiski Challenge igubha iminyaka eyishumi yasungulwa
Kubuya imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC), ezobe igubha iminyaka eyishumi yaba khona, ngempelasonto.
Le midlalo seyivundulule inqwaba yabadlali abagcina bedlala kwiPremiership, iMotsepe Foundation Championship namaqembu esizwe ehlukene aseNingizimu Afrika.
I-DDC seyikhiqize abadlali abaningi okubalwa kubona uGrant Kekana, uPercy Tau, uRelebohile Mofokeng, uThapelo Maseko, uNkosinathi Sibisi, uDevin Titus , uJaedin Rhodes noMfundo Vilakazi, phakathi kwabanye abangu-340.
Usihlalo wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin Khoza, uyincome kakhulu indlela eshintshe ngayo izinto ebholeni laseNingizimu Afrika, into yokusungulwa kweDDC.
“Ukugubha iminyaka eyishumi yeDiski Challenge yinto engaphezulu kweminyaka nje kodwa yinto esho lukhulu neqhakambisa ubudlelwano obujulile nobuyimpumelelo esesibakhile neMultichoice eminyakeni edlule,” kusho uKhoza.
“IDiski Challenge seyikhulile yangaba umqhudelwano nje kodwa iyindlela yokuvundulula ikhono kubadlali abasebancane futhi iwumgogodla webhola laseNingizimu Afrika.”
Selokhu yaqala ngo-2014, iMultichoice seyifake imali elinganiselwa ku-R450 million kwiDiski Challenge, kanti bangaphezuku kuka-340 abadlali abasebance abaphume kulo mqhudelwano baya emaqenjini ePSL.
Abathandi bebhola bangalindela imidlalo emnandi nabadlali abasha abahle ngempelasonto. Isizini yeDiski Challenge ka-2024/2026 izoqala ngempelasonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, lapho kwadlalwa khona umdlalo wokuqala ngqa walo mqhudelwano, phakathi kwaMaZulu ne-Orlando Pirates.