I-PSL icacisa ngemidlalo yeDDC neRoyal AM
SIHLE NGUBO
Alikho iqembu elizongena endaweni yeRoyal AM kwiDStv Diski Challenge (DDC), futhi nayo ngeke isaqhubeka nale midlalo kuze kuphele isizini ka-2024/2025.
Lokhu kuqinisekiswe okhulumela iPSL, uFhatuwani Mpfumi, ngesikhathi Impempe imbuza ngalokhu.
IThwihli Thwahla imisiwe ukudlala imidlalo yeDDC kulandela ukuhluleka ukudlala imidlalo eyisithupha yokuqala yesizini kule ligi.
Leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize linenkinga yemali futhi sekuvele kaningi ukuthi naseqenjini elikhulu abadlali babuye bangaholi.
IRoyal AM ayivunyelwe ukusayinisa abadlali kulandela ukuhluleka ukukhokhela uSamir Nurkovic imali yakhe elinganiselwa ku-R12 million.
Zonke lezi zinkinga zikapakele eqenjini leDDC elihlukile ukuhlangana ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025.
Akukho ukungabaza ukuthi baningi abahlukunyezwe yilesi simo ngenxa yokuhlalekelwa imisebenzi nokuphela kwethuba lokudlala kubadlali abasebancane.
“Iligi izoba namaqembu angu-15 kuze kuphele isizini,” kusho uMpfumi kafushane.
Bakhona abebekhuluma indaba yokuthi indawo yeRoyal AM ingase ithathwe yiDurban City (ebibizwa ngeMaritzburg United) edlala kwiMotsepe Foundation Championship kwiDDC. Nokho iPSL ithi yinto engekho leyo.
Okungeke kube yinkinga kwiDDC ukuthi iRoyal AM alikho iqembu ebese idlale nalo ngakho awekho amaphuzu okumele ahlehliswe.