IBetway Premiership

Umqeqeshi uchaza ngesikimu ebesiboshelwe yiChiefs koweligi

SIHLE NGUBO

Ingcindezi ilokhu ikhula kwiKaizer Chiefs, ehlulekayo ukunqoba imidlalo yeBetway Premiership, yize ibalwa namaqembu angakashaywa kule sizini.

Amakhosi aphinde alahla amaphuzu ngesikhathi ebambana neStellenbosch FC ngo 1-1 emdlalweni weligi, eFNB Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Bese kungokwesithathu kulandelana iChiefs idlala ngokulingana, okuchaza ukuthi seyilahle amaphuzu ayisithupha.

Empeleni iChiefs seyidlale ngokulingana kahlanu emidlalweni ayisishiyagalombili, okusho ukulahla amaphuzu ayishumi.

Njengamanje iChiefs isele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiSundowns ezihola phambili kwilogi yeBetway Premiership.

Leli qembu laseNaturena linabadlali ababalulekile abalimele, okubukeka kumphithanisa ikhanda umqeqeshi uFernando Da Cruz.

Kulabo badlali kukhona uLangalihle Phili, uLebohang Maboe, uSiphesihle Ndlovu, uBrandon Petersen no-Adolf Mtasingwa.

Ngenxa yalokhu iChiefs iqalise abadlali basemuva abayisithupha kulo mdlalo, kanti uReeve Frosler ubedlala esiswini.

Ebuzwa ngalokho ngemuva komdlalo uDillon Sheppard, oyiphini lomqeqeshi kwiChiefs, uthe uFrosler akamusha esiswini.

“Yini uthi ungumdlali wasemuva? Ngesikhathi ekhula kwiWits ubedlala kuyiphi indawo? Ukhule ewumdlali wasesiswini,” kusho uSheppard.

Uthe uThulani Mabaso ubesanda kubuya ekulimaleni, ngakho ukumfaka emdlalweni ngemuva kwekhefu leFIFA bekungeke kulunge.

“Ngesikhathi silungiselela isizini entsha sisebenze noReeve esiswini,” kuqhuba uSheppard.

“Useke wadlala kuleyo ndawo phambilini. Emasontweni amathathu ubezilungiselela kuleyo ndawo futhi wenze kahle.”

Kuvele ukuthi uFaiz Abrahams ubekhona kubadlali abebezoqala umdlalo kodwa wabuye wakhishwa.

Mayelana nalokhu uSheppard uthe: “Angifuni ukuphawula kodwa besihlele ukuthi awuqale umdlalo.”

Lo mdlali ubolekiswe yiStellies kuMakhosi, okungenzeka ukuthi kunombandela wokuthi ngeke adlale uma leli qembu laseNaturena libhekene nelaseKapa.

IChiefs izobhekana neRed Arrows yaseZambia emdlalweni weCAF Confederation Cup, eLevy Mwanawasa Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Umlenze wesibili useMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu (Okthoba 23).

Ngemuva kwalokho Amakhosi azobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngo-Okthoba 31.