OweChiefs ufuna bavuke ngeChippa koweBetway Premiership
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs izozama ukunqoba okokuqala emuva kwesikhashana uma seyitholana phezulu neChippa United emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Stadium, eGqeberha, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Amakhosi agcine eshaye omakoti i-Orbit College ngo 4-1 emdlalweni we premiership ngoNovemba 4.
Ngemuva kwalokho iChiefs ibe seyigxila emidlalweni yamaqoqo yeCAF Confederation Cup, lapho kungahambanga khona kahle ngokwemiphumela.
IChiefs ishaywe yi-Al Masry yase-Egypt ngo 2-1 ekuhambeni, yase ibambana neZamalek yakhona e-Egypt ngo 1-1 ekhaya.
Nakanjani iqembu laseNaturena lizofuna ukuvala unyaka ngegiya eliphezulu kulandela ukungenzi kahle emidlalweni yeConfederation Cup.
UZitha Kwinika, odlala emuva kwiChiefs, uyazi ukuthi ngeke kube lula eGqeberha yize iChilli Boys ingadlali kahle kulezi zinsuku.
“Emidlalweni yethu yakamuva yeCAF asizange sithole imiphumela ebesiyifuna,” kusho uKwinika.
“Kodwa konke kusesemgqeni ngoba sisenayo eminye imidlalo esizoyidlala.
“Sifundile emidlalweni emibili esiyidlalile futhi silokhu siba ngcono njengoba silungiselela eminye imidlalo ezayo.”
IChilli Boys iyibambe ekugcineni ngci kwilogi yePremieship, ngakho izobe ifuna ukuthola amaphuzu aphelele uma seyibhekene neChiefs.
“Sigcina ukudlala (umdlalo weligi) sibe nomdlalo omuhle sibhekene ne-Orbit College,” kuqhuba uKwinika.
“Ngicabanga ukuthi sigcine lapho ukudlala umdlalo weBetway Premiership.
“Kuzomele sibuyisele imiqondo kwiligi ngoba besisagxile emidlalweni yeCAF.
“Sizodlala neChippa ePE, kuzoba umdlalo onzima ngoba kuhlale kunzima ukudlala nabo.
“Ngibabonile emidlalweni edlule futhi ngicabanga ukuthi bayiqembu elidlala kahle.
“Ngeke kube umsebenzi olula kodwa ngicabanga ukuthi sizokwazi ukubhekana nawo.
“Sesibonile ukuthi benza kanjani uma bephethe ibhola noma lingekho kubona.
“Kulele kithina ukuthi sisebenzise amalungiselelo ethu ukubahlasela nokuvimba kahle emuva.”
Emidlalweni engu-14 esiyidlalile iChilli Boys, isanqobe owodwa yase idlala ngokulingana emihlanu.

